Izindaba

Usomabhizinisi osemkhankasweni wokufukula intsha yasemakhaya usengene emafilimini

Nkosikhona Cele|Published

USOMABHIZINISI uMnuz Manzini Zungu

Image: SITHUNYELWE

KUSEQHULWINI kusomabhizinisi waseThelezini, eNquthu, uMnuz Manzini Zungu ukufukula impilo yabantu basemakhaya ngezindlela ezahlukene.

UZungu uveze ukuthi usengene shi nasemkhakheni wokuqondisa amafilimu nokuvula inhlangano engenzi nzuzo, izitolo kanjalo nasemculweni.

"Zonke lezi zinto zigxila ekulekeleleni abantu abasha ikakhulu labo abavela emakhaya,'' usho kanje.

UZungu unenkampani iSpar Pacina Retail, kwiNetflix unefilimu yopopayi angumqondisi wayo ethi uShaka Inkosi Yamakhosi futhi wakhiqiza incwadi ngefilimu efanayo. Uphinde abe nenhlangano engenzi nzuzo nathi ngayo usiza emiphakathini ehlukene iManzini Zungu Foundation.

Njengoba esezinze eGoli, uthe ukuba nombono bese efuna ukufeza amaphupho kungashintsha izimboni eziningi nemiphakathi ehlukene kuleli.

Uthe usemkhankasweni wokufukulwa kwabantu basemakhaya ikakhulukazi abantu abasha. "Sinezinhlelo ezehlukene zokulekela abantu abasha. Sibalekelela ngoba siyakuqonda ukuthi izwe lidinga abantu abasha ukuze libe nenqubekela phambili," usho kanje.

Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi yena kumsizile ukukhuliswa ugogo nomkhulu ngoba kumenze wafuna izinto akhula engenazo.

"Ngifuna ukuba wusizo kosomabhizinisi abancane abasakhula. Sengenze izinto eziningi ukusiza la kudingeka khona njengoba ngisethimbeni elaziwa ngeResearch Associate, eNyuvesi yaseJohannesburg futhi ngaphinde ngafaka isandla emikhankasweni yezinkampani ezifana noMcDonald's ukuze senze ushintsho empilweni yabantu abehlukene. Akugcinanga lapho konke esikwenzayo ukukhuthaza osomabhizinisi sibanike ulwazi esinalo ngalo mkhakha. Ngiyakholelwa ekutheni ngingomunye wabantu abakhulise umkhakha wamabhizinisi kuleli ngokwenza izinto ezehlukene ezithinta abantu,” kuchaza yena.

Uthe ukuthola iziqu zebhizinisi azenza eWharton Business School, e-University of Pennsylvania kudale ukuthi aphinde azakhele igama emkhakheni wokudayisa, owezimayini, wamafilimu, wokubhala, wokusiza abantu nowokusebenza kwezemfundo.

“Iphupho lami ukusiza la kudingeka khona, ikakhulukazi ebantwini abazaziyo ukuthi bafunani. Mina ukuzibona ngila ngikhona yingoba nganginomqondo obheke entweni oyifunayo futhi ngizimisele ukuyenza. Njengomphathi wenkampani eyenza izinto ezehlukene ekudayiseni, udinga ukuhlanganisa lokhu ofuna ukusebenza ngakho, udayise bese uqinisekisa ukuthi uyalifezekisa iphupho lakho lokudayisa ukuze wenze inzuzo."

Uthe:"Ibhizinisi kumele uliyise ebantwini owaziyo ukuthi lizohambisana nabo. Akekho umuntu ozalwa kuthiwa usebenza kanzima futhi udaliwe, ukuzinikela ngoba ubuvila abukhokheli futhi abantu abangamavila bakwenza lokho ngoba bezikhethela, ngabe angikwenzi konke lokhu ukube ngagoqa izandla.”

Uqhube wathi izitolo anazo ziKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, ezisiza imiphakathi yasemakhaya ngokudla okuhlukene futhi zisiza ekudaleni amathuba omsebenzi kubalimi bezindawo abazimele  ababadayisela izinto.

“Amathuba omsebenzi siwavule ngezindlela ezehlukene njengoba siqashe abantu bendawo ezitolo, saphinde sasebenza nabalimi abehlukene ukukhulisa umnotho waleyo ndawo. Izindawo ezifana noMthatha naseNgqeleni kulapho umuntu ekhule khona kakhulu. Inhlangano iManzini Zungu Foundation kulapho isebenze khona kakhulu isiza imiphakathi,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi uthando yilona elimfake emkhakheni wamaciko angagcinanga ngokuqopha ifilimu eyakhonjiswa embukisweni iDurban International Film Festival, yaphinde yawina izindondo ezehlukene phesheya kodwa uphinde abe nekhwaya iSoweto Central Chorus.

"Njengomuntu oziqhenyayo ngokuthi uphumaphi, kumele sihambe phambili ngokuxoxa umlando wethu. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongixhasile ngokusebenza nami, nentsha ekhwayeni nabalingisi emdlalweni Ushaka,” kuchaza yena.