Izindaba

Inhlansi yethemba kuhlonzwa umhlaba ozokwakhela abezikhukhula

Zimbili Vilakazi|Published

USUKHONA umhlaba osuhlonzwe eCornubia, eMount Edgecombe, eThekwini, okuzokwakhelwa kuwo abakhahlanyezwa yizikhukhula zika-2022 nezinye zangemuva kwalezo.

Image: Sithunyelwe

USUKHONA umhlaba osuhlonzwe eCornubia, eMount Edgecombe, eThekwini, okuzokwakhelwa kuwo abakhahlanyezwa yizikhukhula zika-2022 nezinye zangemuva kwalezo.

Lokhu kuvezwe wuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli eDurban ICC, lapho ebeyokwethula khona ngokusemthethweni isivumelwano sokusebenzisana ngezokuxhumana nabakwaMTN.

Ukubambisana kukahulumeni nale nkampani yamaselula kuthiwa kuzokwenza ngcono ezokuxhumana ezindaweni zasemakhaya esifundazweni sonke.

Ephawula ngolwabakhahlanyezwa yizikhukhula uNtuli uthe: “Ukhona umhlaba esesiwutholile eCornubia lapho okuqala khona umsebenzi wokwakha. Okwenziwayo njengamanje wukufakwa kwengqalasizinda ezolekelela kulokhu.” 

Uveze nokuthi eMgungundlovu zikhona izindlu esezisesiphethweni sokuqedwa ukwakhiwa.

“Lezi zindlu sezifakwa uphahla. Sinethemba lokuthi zizophothulwa ukwakhiwa ngoJulayi,” kusho uNtuli.

Uthe isikhathi abazibekele sona ukuphothula wonke umsebenzi wokwakhela izisulu wuDisemba 2026.

“Ngaleso sikhathi, bonke abagilwa kuyobe sekufanele ukuthi babe sebeyitholile indawo yokufihla ikhanda,” usho kanje.

Mayelana nokusebenzisana nabakwaMTN, uNtuli uthe lokhu kusebenzisana kuyingqophamlando esifundazweni.

“I-MTN izosilekelela ukusiza izibhedlela, imitholampilo, izikole, imitapo yolwazi nezinkantolo zamakhosi ukuthi zikwazi ukusebenzisa ukuxhumana ngobuxhakaxhaka besimanje, ezingeni elisheshayo lika-4 no-5G,” kusho uNtuli, othe lokhu kuzoba mahhala.

Uveze ukuthi zingaphezu kuka-2000 izindawo ezizohlinzekwa ngalolu hlelo lwamahhala. 

Udalule nokuthi kuzophinde kuqeqeshwe intsha engu-80 ngamakhono ezobuxhakaxhaka ukuze ikwazi ukungena emkhakheni wezobuchwepheshe.

“Ukulwa nobugebengu yisona sisekelo esisakhayo. Intsha engazibandakanyi nobugebengu idinga ukugqugquzelwa. Izinhlelo ezifana nalolu zingenye yezindlela esizisebenzisayo ukwenza lokhu,” kusho uNtuli.

Uthe intsha idinga amathuluzi kanjalo nendawo yokuncintisana ngamathuba omsebenzi.

“Badinga ukuqeqeshwa ukuze nabo bakwazi ukuncintisana besebenzisa ubuxhakaxhaka besimanje." 

Uthe lokhu kuzohamba ibanga elide emizameni yokuvala igebe uma kuqhathaniswa ezokuxhumana zasezindaweni ezisemadolobheni nalezo ezisemakhaya.