ABENKAMPANI iSouth32 Hillside Aluminium ngesikhathi kuyophendulwa isoyi lamanzi eMbhongampisi, eMfolozi
Image: South32
KULOKOZA inhlansi yethemba ngodaba lwamanzi ahlanzekile emphakathini waseMbhongampisi, kuwadi 4 eMfolozi, abeSouth32 Hillside Aluminium ngokubambisana nomasipala wakule ndawo, bephendula isoyi le-projekthi yamanzi.
Ngokusho kwesikhulu seSouth32, uMnuz Thembelani Singiswa, sithe ingu-R5 million imali abayitshale onyakenimali ka-2025, ukulekelela ngengqalasizinda yamanzi kule ndawo.
Phakathi kwengqalasizinda athe bazotshala imali kuyo, ithangi lamanzi lensimbi elimumatha amanzi angama-litha angu-50 000, isakhiwo sephampu yamanzi ezosebenza nge-generator, ukufakwa kwepitsi elisha.
USingiswa uthe bazobuye bafake namapayipi amanzi azohamba ibanga elingama-mitha angu-4,3 ama-standpipes angu-21 bese kuba wucingo lokubiya ukuze yonke le ngqalasizinda ivikeleke.
“Le projekthi izohlomulisa imindeni engu-98, okukhona kuyo abantu abangu-784,” kusho uSingiswa.
Uthe akungatshazwa ukuthi lokhu kuzoletha uguquko oluhle kwezempilo kubantu bakule ndawo bese kuphinde kwethule umthwalo kwabesifazane, izingane nezaguga abahamba ibanga elide ukuyofuna amanzi.
“Kuyaziwa ukuthi phambilini, imiphakathi eyakhele uMasipala uMfolozi ibibhekene nengwadla yamanzi. Izakhamuzi eziningi bezithembela emalolini amanzi abebuye angafiki, ziyokha amanzi angcolile emifuleni, obekubeka impilo yabo engcupheni,” usho kanje.
Uthe lokhu kuphendulwa kwesoyi kuzobuyisa isithunzi kubantu, kwenze ngcono ezempilo bese kuvula namathuba.
“Kungesinye sezibophezelo zethu siyiSouth32 ukuthi sizohlale sisifaka isandla ezintweni ezithinta ezemfundo, ezempilo, ezomnotho kanjalo nakwezemvelo,” usho kanje.
Uthe bayaziqhenya ngalolu hambo nomphakathi waseMbhongampisi nomasipala ababambisene nabo.
IMeya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Sikhumbuzo Dlamini, ihambe emazwini kaSingiswa, yathi iprojekthi izoletha umehluko omkhulu.
“Sijabule kakhulu ukubambisana nabeSouth32 ekuzameni ukuqeda inkinga yokuntula amanzi ahlanzekile,” kusho uDlamini.
UDlamini unxuse nezinye izinkampani ezinamabhizinisi eKing Cetshwayo, ukuthi zisondele ukuzokwelula isandla emiphakathi eyakhele lo masipala.
ISouth32 ayiqali ukuphonsa itshe esivivaneni kolwamanzi kule ndawo, njengoba ike yakwenza phambilini, ifaka imali engu-R12 million.
Kule mali kwakukhona u-R7 million, eyawutshala onyakenimali u-2022.
Related Topics: