UKHATHAZEKILE umndeni wesaguga (96) okuthiwa sidlwengulwe yisihlobo maphakathi nenyanga KwaNgobeni, eMgungundlovu, umsolwa ededelwa emva kokuboshwa kwakhe.
Image: sigciniwe
UKHATHAZEKILE umndeni wesaguga (96) okuthiwa sidlwengulwe yisihlobo maphakathi nenyanga KwaNgobeni, eMgungundlovu, umsolwa ededelwa emva kokuboshwa kwakhe.
Lokhu kuvezwe umzukulu kamgilwa, ngesikhathi elandisa Isolezwe ngalokhu kukhathazeka.
Uveze ukuthi umgilwa wehlelwe wumshophi ngoJuni 14, kulo nyaka.
“Wasitshela ukuthi wathi elele, wangqongqozelwa umuntu, owathi ucela amphuzise amanzi ngezithuba zango-12 ebusuku. Wathi wavele wamxosha lo muntu, ethi akamyeke phansi, ngeke amvuse ngalesi sikhathi,” kusho umzukulu.
Udalule ukuthi umsolwa washaya sengathi uyahamba kodwa wabuye wabuya esebhodloza isicabha, wakhala ngaphakathi.
Uthe yilapho ambhozomela khona umgilwa, waqala ngokumfaka umunwe, walandelisa ngokumdlwengula.
Uveze ukuthi nakuba ugogo wazama ukuklwebha umsolwa, emluma kodwa wamehlula ngamandla.
“Wamdlwengula izikhawu ezintathu waze wozela walala. Kwasekuyizintatha, ngesikhathi ugogo ecela kumsolwa ukuthi amdedele ayochama, lapho wavuka khona wathi gubhubhu, wagqoka, waphuma wabaleka,” kuchaza umzukulu.
Uthe yilapho ugogo owathola khona intuba yokuphuma naye, amemeze omakhelwane, ebatshela ukuthi udlwenguliwe.
Uqhube wathi babe sebethintwa nabo njengemndeni, base bemyisa esibhedlela ugogo.
“Odokotela bafika baqinisekisa ukuthi ngempela udlwenguliwe, sase siyovula icala emaphoyiseni,” kulandisa umzukulu.
Uthe emva kokusabalala kwezindaba zokudlwengulwa kukamgilwa nokuthi wamklwebha emqaleni, wamluma nasemnweni, umphakathi waletha ulwazi lokuthi ukhona abasolayo "olimele" ezindaweni ezibaluliwe.
“Yilapho esathola khona ukuthi umsolwa kanti yisihlobo sethu, uthi mamkhulu kumgilwa,” kubeka umzukulu.
Uthe emva kokuboshwa kwakhe umsolwa ngoJuni 18, babelindele ukuthi ayobingelela imantshi ngoJuni 20.
“Sezwa sesitshelwa ukuthi akabange esayibingelela imantshi, udedelwe ngoba kusekhona ubufakazi obushodayo,” kusho umzukulu.
Uthe lokhu kubathikamezile bewumndeni kanjalo nomgilwa.
“Sizibuza ukuthi udedelwe kanjani ekubeni enze icala elibucayi kangaka?” usho kanje.
Uthe ngisho nomgilwa, aveze ukuthi ususiwe endaweni yesigameko wayohlaliswa endaweni ephephile, usathikamezekile emqondweni.
“Uma sikhuluma naye uthuka izanya. Simuzwe ethi uzobuya umsolwa azomdelela. Abuye athi akasafuni ukuphinde alubhade emzini wakhe ngoba akuphephile,” usho kanje.
Udalule ukuthi umgilwa ubezihlalela yedwa endaweni yesigameko njengoba umndeni wake wazama phambilini ukumthatha ayohlala nezinye izihlobo kwezinye izindawo kodwa washaya phansi ngonyawo, ethi ugade amathuna omndeni.
Siye koshicilela amaphoyisa engakaphenduli.
Related Topics: