Izindaba

Ziyaqonga izinkinga kuMasipala waseJozini izisebenzi zingaholi

Zimbili Vilakazi|Published

Ziyaqonga izinkinga kuMasipala waseJozini izisebenzi zingaholi

Image: sigciniwe

ZIYA ngokwanda izinkinga zikaMasipala waseJozini, enyakatho neKwaZulu-Natal, kuputshuka incwadi ethi ngeke zihole izisebenzi namuhla. 

Le ncwadi okuvela ukuthi ibhalwe yimenenja yalo masipala esabambile, uMnuz Sipho Nkosi, ithunyelwe zonke izisebenzi ngoMsombuluko.

Isho ngamafuphi ukuthi izisebenzi ziyaziswa ukuthi ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla, kuzobambezeleka ukungena kwemiholo kaJuni, kulo nyaka.

“Siyaxolisa ngalokhu kuphazamiseka. Siyathembisa ukuthi senza konke okusemandleni ukusilungisa lesi simo,” kusho incwadi.

Uthe izisebenzi azilindele ukuthi imiholo yazo izongena emabhange ngaphambi kokuphela kwesonto lokuqala kuJulayi kulo nyaka.

Umthombo weSolezwe kulo masipala ongeke uvezwe, uthe izinkinga zemali ziqale ekuqaleni kwalo nyaka.

“Bazame ngezindlela ezehlukene ukuzilungisa kodwa kwacaca ukuthi azilungi. Yikho ke okuholele ekutheni kugcine kwenzeka lokhu,” kusho umthombo.

Okhulumela lo masipala, uMnuz Scelo Gumbi, uziqinisekisile lezi zindaba, wathi iMeya uMnuz Nkosinathi Myeni, ithanda ukuxolisa kakhulu ezisebenzini.

“Ithembise ukuthi leli phutha ngeke liphinde lenzeke, yathembisa nokuthi izisebenzi zizokhokhelwa imiholo yazo maduzane,” usho kanje.

Uthe incwadi ikhishelwe ukuthi izisebenzi zazi kusenesikhathi ukuthi ayikho imiholo ezongena namuhla. 

Uqhube wathi esinye isizathu esokuthi zikwazi ukuyihambisa kulabo ezibakweletayo.

Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuhoxiswa uMnuz Naye Mathe, obeyimeya yalo masipala.

I-IFP yamkhomba indlela kulesi sikhundla yathi yakwenza lokhu emva kokubuka indlela umasipala obusebenza ngayo.

I-ANC ngo-Ephreli, kulo nyaka, yafaka isiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bukaMathe, ikhala ngenkohlakalo kulo masipala, yaze yaba nombhikisho.

Embhikishweni yanxusa ukuthi kuphenywe ngokukhishwa kwamathenda athile emkhandlwini okukhona kuwo nawokulungiswa komgwaqo.