Isitamkoko esinukela omakhelwane
Image: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)
KUKHIPHE isidumbu somfundi ukwebiwa kwesivalo esiyinsimbi sesitamukoko esikoleni iGuzana High, eShayamoya, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
Isidumbu sikaYamkela Shwabede (6), wakule ndawo, sikhishwe esitamukokweni ebusuku ngosuku lwesigameko.
Umufi kuthiwa ubefunda uGrade 1, esikoleni iShakaskraal Primary.
Ikhansela lendawo, uMnuz Collen Mdletshe, lithintwa yiSolezwe ngesigameko, lithe lithole ngaso ngezikhathi zasekuseni, libikelwa ugogo kamufi.
UMdletshe uveze ukuthi ugogo wakhe uziphilisa ngokucosha amathini namabhodlela epulasitiki, ngenhloso yokuyowadayisa kwabagaya kabusha udoti.
“Esikoleni okwenzeke kuso isigameko bajwayele ukumvumela ukuthi angene ngaphakathi azicingele amathini namabhodlela. Ngosuku lwesigameko, ungenile ehamba nabazukulu bakhe. Emva kwesikhashana, uqaphele ukuthi akasamboni umzukulu,” kusho uMdletshe.
Uthe bekungabo-10 ekuseni ngesikhathi eqaphela lokhu, waqala wammemeza umzukulu kodwa lutho ukusabela.
Uqhube wathi kuphele ihora embheka, kwathi uma ebona ukuthi akamtholi, wase embikela (ukhansela) ukuthi usenyamalalelwe yingane.
Uveze ukuthi baqale lapho ukuhlanganisa amanye amalungu omphakathi, wacingwa umzukulu, kwaze kwafakwa ngisho nasezinkundleni zokuxhumana.
Uthe emva kokuqhubeka kwesikhathi umufi engatholakali emphakathini, bathathe isinqumo sokuphindela ngaphakathi esikoleni ngabo-6, ukuyocingisisa.
“Sibe sesiqaphela ukuthi sihlephukile isivalo esithambile obekuvalwe ngaso isitamkoko. Sithe uma silunguza phakathi, sabona ngesicathulo sikamufi,” kusho uMdletshe, othe yilapho ababone khona ukuthi uphonseke phakathi.
Uthe ube esebiza abezimo eziphuthumayo, okukhona kubo abezicishamlilo, abamome wonke amanzi nokungcola, wakhishwa umzukulu esephangalele.
Umkhulu kamufi, uMnuz Malusi Zondo, uthe basola ukuthi usinyathelile isivalo esilula ebese sivale isitamkoko, kulandela ukwebiwa kwesivalo ngamaphara.
“Sisola ukuthi ukhalakathele phakathi ngaleso sikhathi. Ubeyingane, akanakanga ukuthi kuyingozi ukunyathela isivalo. Nogogo wakhe ubenganakile ukuthi umntwana angahle aphonseke,” kusho uZondo.
Uthe nakuba kuthathe isikhathi eside ukuthi atholakale kodwa ugogo wakhe kanjalo nonogada, bebelokhu besho ukuthi abambonanga ephuma ngesango.
Uthe babuhlungu ngesigameko, wathi bayafisa nanokulekelelwa ngezindleko zomngcwabo.
Sishicilele amaphoyisa engakaphenduli.
Related Topics: