Izindaba

Kuzoba kuhlehla ofishi endalini yezimoto zikaMaMkhize

Nonkululeko Nhlapo|Published

UKUQINA kwemigomo nemibandela yabafisa ukuba yingxenye yendali yezimoto zesiqumama saseThekwini, uShauwn Mkhize, kucacisa buthule ukuthi kufuneka izimpunyela ezinganqeni ukukhipha itshe lemali, ukuze zikwazi ukubbhalisela ukuba yingxenye uma sezidayiswa esidlangalaleni.

Uma ufisa ukuzibona uhamba ngenye yezimoto ebezike zivezwe yile njinga ezinkundleni zokuxhumana, yithuba lakho lokuthi ubhalisele ukuba yingxenye yalokhu kudayiswa kwalezi zimoto ezingu-14.

Le ndali izoqala ngesonto elizayo kanti kubalwa kuyo namabhasi amabili okukhona nelikhulu. Abafuna ukubhalisa kumele babekise ngo-R50 000 futhi balungise amaphepha e-FICA kanjalo no-10% wekhomishini kanye ne-VAT ekhokhwayo.

Indali izoqala ngoJuni 27, ize ivalwe ngoJulayi 2, 2025. Ababhalisele ukuba yingxenye yale ndali yasesidlangalaleni bazokwazi ukuzibona izimoto eThekwini naseGoli, kodwa indali izoqhutshwa ngenkundla ya-online. Le ndali iyingxenye yemizamo yeSars wokuqoqa isikweletu sikaShawn Mkhize esicela ku-R37 million, sentela.

Kule ndali kukhona iMercedes-Benz S680 Maybach Edition 100 ka-2022, imoto eyimvelakancane kangangokuthi kwakhiqizwa ezingu-100 kuphela emhlabeni jikelele. Izinhlobo ezifanayo zitholakala ngemali engaphezulu kuka-R5 million.

Le moto isaphethe isanombhalo weRoyal AM Football Club, iqembu uMaMkhize alithenge ngo-2021, walithuthela KwaZulu-Natal esuka eBloemfontein, ngesikhathi lisabizwa ngeBloemfontein Celtics.

Indali ihlanganisa ne-Bentley Continental GTC ka-2020, elinganiselwa ku-R4 million. Okunye okugqamile iMercedes-Benz G-Wagon ka-2016 eyenziwe nge-ONYX, uhlobo olungadayiswa ngemali engaphezu kuka-R2 million kuye ngokuthi isimo sayo sinjani. Kukhona ne-BMW i7 xDrive 60 ka-2022, okungenye yezimoto ezihamba phambili zikagesi zakwa-BMW, ​​nazo ezivame ukudayiswa ngemali ecela ku-R3 million.

Ezinye zalezi zimoto zazijwayele ukuvezwa yindodana kaMaMkhize u-Andile ezinkundleni zokuxhumana, lapho ayevezela umphakathi ukuthi ngosuku iyiphi azokhetha ukuhamba ngayo.

Amabhasi kanye nezimoto ezinemibhalo yeRoyal AM, zazisetshenziswa abadlali uma beya ezinkundleni.

Uhlu oluphelele lwezimoto zikaMaMkhize ezisendalini ngokwe-website yalabo abazobe bezidayisa esidlangalaleni abakwa-Bidders Choice yi:

  • 2020 Bentley Continental GTC (2019 Edition)
  • 2012 BMW 750i
  • 2018 BMW GT 640i
  • 2022 BMW i7 Xdrive 60
  • 2016 BMW X1
  • 2012 BMW X6 Xdrive 40d
  • 2013 Toyota Hilux 2.7VVTI Double Cab
  • 2019 Toyota Hilux 2.7VVTI Single Cab
  • 2014 Mercedes-Benz Marcopolo G7
  • 2018 Mercedes-Benz V-Class Maybach Bus
  • 2022 Mercedes-Benz S680 Maybach Edition 100
  • 2009 Nissan NP300 Hardbody
  • 2016 Mercedes-Benz G-Wagen ONYX
  • 2016 Volkswagen Crafter

,

I-BMW i7 xDrive 60 yangowezi-2022, okungenye yezimoto ezihamba phambili zikagesi zakwa-BMW, ​​nazo ezitholakalayo futhi ngokuvamile zidayiswa ngemali ecela ku-R3 million

Image: Bidders Choice

I-MERCEDES-Benz G-Wagen ka-2016 eyenziwe nge-ONYX, uhlobo olungadayiswa ngemali engaphezu kuka-R2 million kuye ngokuthi isimo sayo sinjani

Image: Bidders Choice

INDALI ihlanganisa ne-Bentley Continental GTC ka-2020, imoto enenani elilinganiselwa ku-R4 million

Image: Bidders Choice