EZINYE zezintokazi ebezikhangisa ngengqephu ehambisana nendikimba yalo nyaka yeHollywoodbets Durban July ethi Marvels of Mzansi
Image: DOCTOR NGCOBO
IHOLLYWOODBETS Durban July enomlando obambekayo wokuheha izinkumbi zabantu kulindeleke ingenise imali elinganiselwa ku-R690 million, emnothweni wedolobha laseThekwini.
Lokhu kuvezwe yiMeya yalo mkhandlu uMnuz Cyril Xaba, esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba njengoba kuzoba nalo mjaho ohanjelwa nangosaziwayo eGreyville Racecourse ngoMgqibelo ozayo.
Uthe iDurban July wumcimbi obaluleke kakhulu ekhalendeni lomkhandlu njengoba iletha izinkumbi zabantu eThekwini, bevela ezindaweni ezehlukene zaseNingizimu Afrika.
NGISHO nezinsizwa azisalanga ngaphandle zikhombisa ngengqephu okulindeleke ukuthi idlise kwiDurban July
Image: DOCTOR NGCOBO
Uqhube wathi iDurban July yenza umehluko omkhulu emnothweni wedolobha oke wakhahlamezeka ngesikhathi kuhlasele iCovid-19, izikhukhula nomtapo owacekela phansi izakhiwo eziningi ezingenisa imali.
“Idolobha lilindele abantu ababalelwa ku-45 000 abazoba yingxenye yomjaho. Izibalo zikhombisa ukuthi abantu bazochitha imali elinganiselwa kuR278.6 million emjahweni ngqo, bese kuthi ukuba khona kwawo kwenze imali engu-R689.4 million kwiGross Domestic Product (GDP),” kusho uXaba.
Udalule nokuthi abalelwa ku-4 403 amathuba omsebenzi azodaleka.
NGOMUNYE wemisiko okulindeleke ukuthi idlise kwiDurban July eqhakambisa ubuhle beNingizimu Afrika
Image: DOCTOR NGCOBO
Uthe abamabhizinisi ahlukene, okukhona kuwo nafufusayo, ngeke asale ngaphandle, azohlomula.
“Amanye azohlomula ngomjaho amabhizinisi afana nelengqephu, elezokuthutha, elezindawo zokulala, elezinwele, elokuzicwala nalawo adayisa ukudla okuvuthiwe,” kusho uXaba.
Uthe imicimbi efana nalela, yenza omkhulu umehluko ikakhulukazi emikhakheni efana nowezokuvakasha nowokudla.
Uqhube wathi iTheku iyona ndawo okufanele abantu beze kuyo bezozithokozisa njengoba kuzobe kuvunguza umoya wenjabulo.
“Nginxusa wonke umuntu ukuthi abe yingxenye yomjaho, ubumnandi obusezingeni lomhlaba buzobe bubuzwa khona. Abantu abeze ngobuningi bezobuka umjaho, ezemfashini nokunye okuningi,” usho kanje.
Uyalele namaphanta nalabo abazifelayo ngamahhashi ukuthi bangalenzi iphutha lokungezi emjahweni.
Ebala eminye yemicimbi ezoba khona uthe yiFact Durban Rocks, Anywhere in Your City, Any Given Sunday, Mojo’s July Weekend ne-All White Maxi’s Lifestyle Party.
Uthe ngonyaka odlule lo mjaho wahlanganisa isibalo sezibukeli ezingu-50 000.
Isigqi salo nyaka sithi “Marvels of Mzansi” kanti siqhakambisa amagugu aseNingizimu Afrika, ukwehlukahlukana kwamasiko, izindawo ezinhle ngendlela eyisimanga bese yethulela isigqoko izwe ngakho konke elikuzuzile.
Isikhulu sezokuxhumana enkampanini exhase lo mjaho iHollywoodbets, uNksz Kuhle Mkize, sithe umthelela omuhle walo mjaho ngeke ugcine ngempelasonto ezayo kuphela kodwa kuzokapakela nakwezinye izinsuku.
"SiyiHollywoodbets siyibheke ngabomvu iDurban July yanonyaka. Ngaphandle komjaho omkhulu nemibhiyozo ezobe yenzeka eGreyville, kuningi okunye okuzobe kwenzeka ezindaweni ezehlukene zeTheku.
"Lo mjaho unomthelela omuhle emnothweni ngenxa yezinkumbi zabantu ezizovakashela leli dolobha, abayophinde babuye nangelinye ilanga.Maningi namathuba emisebenzi azodaleka emikhakheni yengqephu kuphinde kuhlomule nosomabhizinisi," kusho uNksz Mkize.
Related Topics: