Izindaba

Ushiye amawele anenyanga 'obedayisa ngomzimba obulawe yikhasimende

Zimbili Vilakazi|Published

Ushiye amawele anenyanga owesifazane obulewe yikhasimende

Image: Sigciniwe

WEDLULE emhlabeni washiya amawele anenyanga eyodwa ezelwe, owesifazane okuthiwa ubedayisa ngomzimba, okuvela ukuthi ubulawe yikhasimende lakhe eVerulam, eThekwini, ngeSonto.

Lokhu kudalulwe abenkampani yonogada eqapha ubugebengu kule ndawo, iReaction Unit South Africa (Rusa). 

Okhulumela le nkampani, uMnuz Prem Balram, uthe imininingwane yokuthi lona wesifazane ungubani wakwabani, ivezwe yisoka lakhe emva kwesigameko.

“Isoka lakhe elifike endaweni yesigameko, yilo eliqinisekise ukuthi ungubani. Liphinde latshela onogada bethu ukuthi umufi ungunina wezingane ezingamawele, ezinenyanga eyodwa zizelwe,” kusho uBalram. 

Elandisa ngesigameko, uBalram uthe lona wesifazane kuthiwa ubulawe ngowesilisa obeyikhasimende lakhe, enkabeni yedolobha eVerulam.

“Onogada bethu babizelwe endaweni yesigameko esemgwaqweni u-Ireland, bathola owesifazane obekubikwa ukuthi ugwaziwe,” kusho yena.

Uthe onogada bafike endaweni yesigameko ngabo-7.42 ebusuku, bazithela phezu kwesidumbu sikamufi sidindilizile erenki yamatekisi aya eNdwedwe. 

“Ubenenxeba lokugwazwa ngemuva,” usho kanje.

Uthe abazizwele, bathe lona wesifazane kuyaziwa ukuthi udayisa ngomzimba kule ndawo, aphinde adle nezidakamizwa.

“Bathe ungene esikhotheni esiphakathi kwerenki yamatekisi aya eNdwedwe nomgwaqo u-R102 nowesilisa obemcele ukuba baye ocansini,” kusho uBalram.

Uthe abanye abadla izidakamizwa nalabo abahlala emgwaqweni, bezwe esekhala ecela usizo, ngaphambi kokuba bambone ephuma esikhotheni, maqede wawa, waquleka.

“Umsolwa ubesaqhubeka nokumjaha kodwa wavele wabaleka esebona ukuthi kukhona abambonayo,” kusho uBalram.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokubulala kulandela isigameko esenzeke ngeSonto ebusuku, erenki yamatekisi aya eNdwedwe, edolobheni eVerulam.

“Owesifazane oneminyaka engu-21, kuthiwa ugwazwe wabulawa owesilisa ongaziwa, obonakale ebaleka endaweni yesigameko emva kwesikhashana kuzwakale owesifazane ekhala ecela usizo,” kusho uCapt Ndlovu. 

Uthe umufi uqinisekiswe njengoseshonile abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko. Uveze ukuthi akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo. Ayiphumelelanga imizamo yeSolezwe yokuthola izihlobo noma isoka likamufi izolo, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.