Izindaba

'Seziphenduke isihogo ezinye zezikole zakuleli'

Mhlengi Shangase|Published

SEZIPHENDUKE indawo lapho abafundi sebethuthumela ukuya kuzona ezinye zezikole zakuleli ngenxa yodlame nobugebengu obenzeka kuzona.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube izolo, kusayinwa ngokusemthethweni ubudlelwano bokusebenzisana nozakwabo emaphoyiseni uMnuz Senzo Mchunu eKapa.

Laba bathe ngeke bavume ukuthi izikole zibe yinkundla yokudlalela izigebengu bekhona.

"Sizimisele ukuvikela izikole zethu, zingaphenduki inkundla yokudlalela izigebengu. Sikhathazekile ngokudlanga kobugebengu ezikoleni zethu," kusho uMchunu noNksz Gwarube.

UNksz Gwarube uthe umbiko wamaphoyisa uveza ukuthi ngo-2023/2024, kwabulawa abangu-28 ezikoleni zakuleli.

"Uhhafu wabafa babulawelwa ezikoleni zaKwaZulu-Natal. Kuhlonzwe izikole ezingu-283, ezisezizindeni zezindawo lapho kudlange khona ubugebengu." 

Kuvunyelwane ngokuthi kuzohlolwa abasebenzi abasezikoleni ukuthi abakaze balahlwe yini amacala abucayi kuphinde kuseshwe izikhali nezinye izinto eziyingozi ezikoleni.

"Sifuna ukukucacisa ukuthi asizoba nazwelo kulabo abazophemba udlame ezikoleni zethu. Izikole ezokufunda nokufundisa hhayi udlame. Kuzokwakhiwa amakomiti azobandakanya othishanhloko, izigungu zabazali namaphoyisa. La makomiti azosebenzisana nesiteshi samaphoyisa esiseduzane nesikole," kusho uNksz Gwarube.

Labo ngqongqoshe bafuna iphele indaba yamagenge ezikoleni, ukuchukuluzana kwabafundi, ukudayiswa kwezidakamizwa, ukuphathwa kwezikhali nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

Kunxuswe nothisha ukuthi babambe iqhaza ukulwa nazo zonke lezi zinto ngokuthi baqaphe okwenzeka emathoyilethi ezikoleni.

"Okunye okumele bakwenze wukubheka izindawo ezicashile ngesikhathi samakhefu ukuthi kwenzekani kuzona. Okunye wukubheka nezinkundla zemidlalo lapho kuhlanganyela khona abafundi ukuthi benzani uma bendawonye," kusho uNksz Gwarube