OKHULUMELA i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, usabisa ngokumthathela izinyathelo zomthetho obengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu
Image: Sigciniwe
OKHULUMELA iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, usabisa ngokumthathela izinyathelo obengunobhala jikelele weqembu, uMnuz Floyd Shivambu, emva kokuba emsole ngokusebenzisa izidakamizwa nokucwila ezinkambeni zikaFaro.
UShivambu ushaqise abaningi ngesikhathi ethi uNdhlela udla izidakamizwa nokuthi uphuza utshwala ngokweqile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabesiteshi sethelevishini, i-eNCA.
UShivambu wayethenjiswe ukuthi uzojutshwa ePhalamende ngesikhathi ekhishwa kwesikanobhala jikelele.
Akazange avele ohlwini lwamalungu eMK ayisishiyagalolunye azofungiswa namhlanje.
UShivambu uthe wakhishwa esikhundleni ngenxa yokuthi kukhona ababemdlela umona kwiMK.
"Ngokwamagalelo ami, bengibahlula behlanganisiwe bonke abantu engibafice kwiMK. Ukufika kwami kwiMK kwenze ukuthi ikhule ezweni lonke. Lokhu kwenze ukuthi kube khona abangidlela umona."
UShivambu uthe uNdhlela ungomunye wabantu ababemdlela umona, athe babekhuluma kabi ngaye kumholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma.
"UZuma wayelalela amampunge ayehubhuzwa yizithutha ezifana noNdhlela. UNdhlela yisithutha esingumholi weMK. Uhlezi edle izidakamizwa, futhi uhlezi edakiwe. Uma esehubhuza amanga uNdhlela usebenzisa ukuthi uwumngani wendodakazi kaZuma, engazi lutho."
UShivambu ungene ezintangeni ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe wayebhekise endodakazini kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, ngesikhathi ethi kukhona abantu abamthuka ebusuku bedle izidakamizwa.
UShivambu usanda kuthi kukhona abantu abamchapha ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana uma sebedle izidakamizwa.
UNkk Zuma-Sambudla wake wachapha uShivambu ngenhlamba enkundleni yezokuxhumana i-X.
"Mina engakusho wukuthi abantu ababhema izidakamizwa bayangithuka ezinkundleni zokuxhumana. Lelo yiqiniso."
Ekhuluma ne-IOL, uNdhlela uthe uShivambu ukhulunyiswa wubuhlungu bokukhishwa esikhundleni.
"Uzama nje ukungifaka entweni engingangene kuyo. Akumina engathi akaye eMalawi (ayohlangana nomfundisi ofunelwa amacala kuleli, uShepherd Bushiri). Waqamba amanga wathi wayethunywe wuZuma."
UNdhlela uthe uzothathela uShivambu izinyathelo zomthetho.
"Abameli bami bazombhalela. Angifuni ukulokhu ngilwa naye. Akekho ezingeni lami."
UNdhlela uthe amalungu eMK ajabule ngokukhishwa kukaShivambu.
"Abantu bajabule kakhulu. Amalungu eMK abesekhathele wukuphathwa wumuntu ozithwele."
UNdhlela uphinde wavikela uNkk Zuma-Sambudla.
"Uma kukhulunywa ngomuntu ongazi lutho yilona othe uNkk Zuma-Sambudla akazi lutho. Uma sikhuluma ngomuntu ongazi lutho, yilona ovele athathe isinqumo sokuyovakashela ezweni elingaphandle engakhulumanga namuntu. Umuntu ongazi lutho yilona ozama ukusungula iqembu elisha."
UShivambu uyaqhubeka nezinhlelo zakhe zokusungula iqembu elisha.
Related Topics: