Izindaba

Umthobanhliziyo emindenini yabashone bebuya emcimbini we-EFF

Published

Izokwakhelwa izindlu imindeni yabashone bebuya emcimbini we-EFF

Image: EFF

Izokwesulwa izinyembezi ngezindlu imindeni yabe-EFF ababhubhile

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthembise ukwakhela imindeni eshonelwe izindlu ezisezingeni.

Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yomngcwabo yababhubha engozini yangesonto eledlule.

Ukufela emzabalazweni kuyinto enkulu. Ingakho sizohlonipha bonke laba abashonile ngokuthi sakhele imindeni yabo izindlu. Sizobakhela izindlu ezisezingeni. Le zindlu zizokuba nazo zonke izinsiza. Noma ngabe awekho amanzi endaweni, sizokwenza isiqiniseko sokuthi simba amapitsi kulezo zindawo. Lokhu sikwenza ngoba nakhu singafuni ukubakhohlwa labo abaphangalele. Asifuni ukuqhelelana nemindeni yabo."

UMalema uthe abashonile bayokhunjulwa njengamaqhawe akuleli.

Izokwakhelwa izindlu imindeni yabashone bebuya emcimbini we-EFF

Image: EFF

Izokwakhelwa izindlu imindeni yabashone bebuya emcimbini we-EFF

Image: EFF