IMEYA yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi
Image: SITHUNYELWE
ZIZODLULISELWA kuMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa uhlu lwezinto abantu abasha bakumasipala awaKwaDukuza nosomabhizinisi abafuna ukuzibona zenzeka njengoba kusondela iG20 ezokuba kuleli ngasekupheleni konyaka.
Lokhu kuvezwe yiMeya yakule ndawo u-Ali Ngidi ngesikhathi kunombuthano obuhlanganisa osomabhizinisi bakule ndawo kanye nabantu abasha ehholo KwaDukuza Town Hall.
Lapha bekuvulwe inkundla kwabekwa izinto ezimqoka okumele kubhekwane naazo nokuvunyelwane ngokuthi kumele ziguquke ngemuva kokuba khona kweG20 kuleli.
Ukuntuleka kwamathuba omsebenzi, inkinga yengqalasizinga ngezinye zezinkinga ebeziseqhulwini.
IMeya uNgidi ithe inhlosongqangi yokuhlangana ngalolu hlobo ukuzwa okufiswa ngabantu abasemazingeni aphansi ngeG20.Uthe lonke uhlu luzodluliselwa kuMeangameli ngoba lokho kuyinto emqoka kakhulu.
Ugcizelele ukuthi iG20 akumele kube sengathi ngeyabantu abathile kuze kukhandeke isithombe sokuthi angeke yamsiza umuntu okude.IPhini leMeya uMnuz Njabulo Cele uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi kukhona okuhle iG20 ezokushiya kuhlomule nabasemazingeni aphansi.
IPHINI leMeya yaKwaDukuza uMnuz Njabulo Cele
Image: SITHUNYELWE
IMeya yesiFunda iLembe uMnuz Thobani Shandu uthe bayafisa ukuthi iG20 ibahlomulise abantu bakule ndawo.Uthe njengesiFunda iLembe bafisa ukubona abantu abasha bethuthuka eminxeni eyehlukene yempilo.
UNksz Ndala Mngadi weGCIS uthe basemhidlangweni wokuthi bahameble zonke izifunda ezikhona esifundazweni saKwaZulu Natal. Naye uthe uhlu lwezinto ezibekwa etafuleni zizodluliselwa kuMengameli wezwe.
''Sikholwa ukuthi ngaphambi kokuba kufike iG20 kumqoka kakhulu ukuba senze konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyabalalela abantu. Indlela yokwenza lokho yinye ukuthi siye kubona sizwe izinselelo ababhekene nazo nanokuthi bafunani futhi bafuna ukufika kweG20 kubenzeleni,''usho kanjena.
Uthe basazoya eZululand naseMkhanyakude njengoba kade besesifundeni iLembe.
UNKSZ Ndala Mngadi weGCIS obeyingxenye yenkulumo ebiKwaDukuza mayelana neG20
Image: sithunyelwe
Related Topics: