UMANQOBA Mngqithi okhala ngokufadabala kweqembu laseNingizimu Afrika labangaphansi kweminyaka engu-23
Image: Isithombe: BACKPAGEPIX
UKHALA ngokungabi bikho kweqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-23 umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uManqoba ''TV" Mngqithi.
Lokhu uMngqithi uthe kuyalikhinyabeza kakhulu ibhola laseNingizimu Afrika ngokwahlukana kwezigaba zalo.
Lo mqeqeshi osebebeze iminyaka eminingi kwiMamelodi Sundowns awina nayo indebe yeCaf Champions League ngo-2016, ubekhuluma neSolezwe ngesikhathi ehambele ukwethulwa ngokusemthethweni kwemidlalo yeligi yezinkampani zaseCato Ridge, iCatomlaas Soccer League. Ngokusho kukaMngqithi, amaqembu esizwe akuleli ngokwehlukana kwezigaba zawo abonakala enza kahle kakhulu wathi inkinga nje isekutheni alibonwa iqembu labangaphansi kweminyaka engu-23. ENingizimu Afrika iqembu lika-Under 23 lijwayele ukuhlanganiswa uma sekuhlungelwa imidlalo yama-Olympic.
"Lokhu ngikholwa ukuthi kumele kulungiswe ebholeni laseNingizimu Afrika. Uma lokho bengakulungisa angingabazi nje nakancane ukuthi akukho okungabonakala kushoda ngebhola lethu," usho kanjena.
Uqhube wathi iqembu labangaphansi kweminyaka engu-17 lenza kahle nomqeqeshi walo uyaziwa, wathi yinto efanayo naseqenjini labangaphansi kweminyaka engu-20. Uthe neBafana Bafana ibonakala yenza kahle. Iqembu lesizwe lika-Under 17 eliqeqeshwa nguVela Khumalo, Amajimbos, lisanda kuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eQatar ngoNovemba. Elika-Under 20 eliphekwa nguRaymond Mdaka, liwine indebe i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Egypt ngenyanga edlule.
''Inkinga iqala uma sekukhulunywa ngeqembu labangaphansi kweminyaka engu-23. Uma ngingase ngibuze wena nje ukuthi ubani umqeqeshi waleli qembu ungangiphendula uthini,'' ebuza samuntu olindele impendulo.
Ukhale ngabadlali abaningi ababonakala benekusasa eliqhakazile eqenjini labangaphansi kweminyaka engu-20 ebuza ukuthi bazoya kusiphi isigaba manje.
''Le nto izobalimaza laba badlali ngoba manje uma sebeneminyaka engaphezulu kuka-20 alikho iqembu abazolidlalela ngoba sinenkinga. Angikhumbuli nokuthi ligcine nini ukudlala uma kuya ngokuthi like lidlale,''usho kanjena.
Related Topics: