UMONGIWA Ntuli ozogqoka ijazi emuva kokuphothula izifundo ze- Actuarial Science eTshwane University of Technlogy ePitoli
Image: SITHUNYELWE
EMINYAKENI lapho intsha isasezikoleni ifunda amabanga aphezulu, uMongiwa Hazel Ntuli, uzobe edlubhe ijazi lakhe leziqu njengomunye wabafundi base-University of Pretoria (UP) abasebancane abagogodile. Uthole iziqu ze-Actuarial Science eneminyaka engu-17. Uhambo lwemfundo lukaMongiwa waseRosettenville, eGoli, luyamangaza. Waqala ukufunda enyuvesi emva kokwenza ezibukwayo esikoleni kulandela ukugqama kobuhlakani bakhe kwezemfundo eseyingane.
"Ngifunda uGrade 3 ngabhala ngephutha iphepha lezibalo lakwaGrade 4 ngathola ngaphezulu ukudlula bonke abafundi baleli banga. Uthisha wami wakubona lokhu wase engivumela ukuba ngibhale amanye amaphepha, wabona ukuthi ngenze kahle kakhulu," kusho yena..
Lokhu kwaholela ekutheni eqiswe amakilasi, wazithola esesenyuvesi, esengaphambili ngeminyaka kontanga bakhe. Uthe, impumelelo yakhe yakhelwe ekubongeni nasekukholweni. “Okokuqala kunakho konke, lokhu kungamandla kaNkulunkulu. Ukukhetha i-UP kwaba yisinqumo esilula kuMongiwa.
“Kwaba yinyuvesi yokuqala ukwamukela isicelo sami sokufunda. Inezinto ezinhle eziningi futhi ngesinye sezikhungo ze-Actuarial Science esisezingeni eliphezulu nesihlonishwa umhlaba wonke.Ukuba "kude naseduze" kwasekhaya kwengeza kwengangikufuna," kusho yena.
Ngaphandle kobuhlakani bakhe ezifundweni, ukuba muncane kunabanye abafundi ayenabo kulethe izinselelo. “Abafundi abaningi bebengiphathisa okukasisi omncane abangakaze babe naye. Bekulindeleke okuningi kumina okwenza kwabanzima ukuhlangabezana nalokho okwakulindelwe," kusho yena.
Ukufunda ukusebenza nabantu abadala kunaye nokuzwakala kwezwi lakhe endaweni yemfundo angayijwayele kube wumqansa kodwa kube yindlela yokufunda emhlomulisile. Ukuphokophelela kwakhe bekuqhutshwa wumbono ocacile nokwesekwa okuqinile - ababemakha abangani, ababemfundisa futhi ubonga ikakhulukazi umama walapho ayehlala khona efunda, uZamile, owayehlala emgqugquzela.
“Bengihlala ngizikhumbuza ukuthi kungani ngiqalile futhi ngenza isiqiniseko sokuthi umvuzo wami uqine ngokwanele. Ukuba nemibono eminingi kungenze ngangaphambuka endleleni, kwangisiza nokukhuleka." Umzuzu angeke awukhohlwa wukuthola isiqiniseko sokuthi uzothweswa iziqu. UMongiwa uthe wayecabanga ukuthi ufeyilile futhi kuzodingeka ukuthi aphinde unyaka.
“Ngazitshela ukuthi noma ngingashayeka kanjani, uma ngivuka ngizithatha, ngangisenalo ithuba lokulwa..Njengoba sengibheke ukuthola iziqu anginazon izinhlelo zokwehlisa umfutho. Emva kwalokhu ngihlela ukusebenza ngibe ngiqhuba izifundo zami. Bengihlezi ngifuna iziqu zeMBA," kusho yena.
Umbono wakhe wesikhathi eside uhlanganisa ukuthola iziqu zalo msebenzi awufundele bese eyasebenza uma isikhathi sesivuma. Njengoba engowokuqala emndenini wakhe ukuthola iziqu zasenyuvesi, uMongiwa ubona lokhu kungeyona impumelelo yakhe yedwa kodwa kuwumlando wesizukulwane. “Abazali bami bazozigqaja kufanele. Kuzonciphisa ingcindezi enkulu nomthwalo umndeni wami obuwuthwele isikhathi eside".
Weluleke intsha enephupho lokusheshe ingene enyuvesi ukuba ivume ukufundiseka. “Awazi yonke into. Funda ukwehlulekela phambili. Thatha ukulahlekelwa kwakho ukuhlanganise nokubekezela nokuphokophelela noma kunzima. Yiba njengengane uma ubhekene nenselelo - ulindele ukuthola lonke ulwazi nobuhlakani ongakuthola," kusho yena eluleka abanye.