ANDILE Sibiya
Image: Sithunyelwe
KUTHIWA zibize iloli, zalayisha yonke imithwalo yazo, zaphela emehlweni izihlobo zengane yomfana, osekuphele inyanga ilahlekile eMabedlane, oLundi.
U-Andile Sibiya (3) wagcina ukubonwa edlala ngasemzini walezi zihlobo, okuthiwa zithuthile endaweni.
Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, uthe kulezi zihlobo ezithuthile kukhona esikhulume kwesinye ukuthi sona sesikhathele ukuthula "nale nto".
“Lona wesifazane okuthiwa ukhulume kanje esihlotsheni, ungomunye womakoti kulo muzi. Kuthiwa uze waveza ukuthi umuntu owaziyo ukuthi ingane ikuphi isaguga sasemndenini,” kusho umthombo.
Uthe emva kokuthi ezinye izihlobo zikhombise ukuthi zifuna ukuzwa kabanzi ngalokhu, lo makoti nomndeni wakhe bavele bathutha endaweni.
“Kubonakale ngeloli lithi nse egcekeni, lalayisha yonke imithwalo yabo, bahamba,” kusho umthombo.
Uthintwa umndeni wengane ngalokhu, wale waphetha ukukhuluma nentatheli.
Obambe ucingo lukanina wayo, uthe akekho esimweni esikahle sokukhuluma.
Ucele ukuthi kube wuye ophawulayo, naye wakhala ngesifanayo.
Kube sekuzwakala owesifazane obekhuluma eceleni ethi: “abahlukane nathi phansi, ezabo izingane bahleli nazo, azilahlekile”.
Isolezwe like labika ngalolu daba ngasekupheleni kukaMeyi, kulo nyaka, ngesikhathi abenhlangano yabefundisi, i-Olundi Zion Pastors Association, ihambisa umkhuleko kubo kwengane.
Ngaleso sikhathi unobhala wenhlangano, uMfu Khayelihle Mtshali, wathi okwabasukumisa phansi bengabafundisi ukuthi u-Andile uyingane yesithathu ukulahleka kule ndawo.
Wathi ukwenzeka kwento enje endaweni kuyathusa, wathi abakwazi ukuhlala phansi basonge izandla kube kubonakala ukuthi konakele.
Phakathi kwezigameko azibalayo kukhona esangoJuni, nyakenye, lapho okwalahleka khona uLisulenkosi Lamula (2).
ULisulenkosi wagcina ukubonwa edlala egcekeni emzini wesihlobo.
Kuthiwa wathi uyaphuma unina emva kwemizuzu engu-30 embheka, waqaphela ukuthi akasabonwa.
Bacinga yonke indawo, ngisho nasethoyilethi lomgodi emzini anyamalala kuwo, bangamthola.
Emva kwezinsuku ezimbili, watholakala kulo ithoyilethi elifanayo, enezibazi zokuklinywa emqaleni.
Nakuba amaphoyisa avula icala lokufa komuntu, umndeni wakhe walimisa ngesihloko elokuthi ukholelwa ukuthi ubulewe, wase ephonswa ethoyilethi.
UMtshali waveza ukuthi sikhona esinye isigameko sokulahleka kwengane (5) kule ndawo, naso esenzeke ngonyaka odlule, wathi nakuba yatholwa iphila emzini wesakhamuzi, kwaba nemibuzo yokuthi kukhona umkhuba wesintu owenziwa emzimbeni wayo.
Waveza ukuthi bagcina amaphoyisa elulandela udaba, yize kwagcina kungacacanga ukuthi lwabuye lwaphelelaphi.
Related Topics: