Izindaba

I-DA novalo ngeminyango ekhungethwe yizinkinga zemali eKZN

Nkosikhona Cele|Published

OMNUZ Francois Rodgers kanye noMartin Meyer ngesikhathi kuqhubeka isithangami sabezindaba se-DA izolo

Image: nkosikhona cele

I-DA KwaZulu-Natal seyiphumele obala yazwakalisa ukukhathazeka mayelana nengwadla yenkinga yemali ehlalise lubhojozi iminyango emithathu ethathwa njengomgogodla esifundazweni.

Lokhu leli qembu likusho izolo, ngesikhathi likhuluma kabanzi ngokuhlangana konyaka liyingxenye kahulumeni wobumbano KwaZulu-Natal, (GPU), esithangami sabezindaba eRiverhorse Valley, eThekwini.

USihlalo waleli qembu KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe kuyajabulisa kakhulu ukubona lolu hlobo lukahulumeni luhlanganisa unyaka lungakahlakazeki.

Uthe inhlosongqangi yalolu hlobo lukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal babekwa phambili futhi nezidingo zabo bayazithola ngaphandle kwezinkinga. Ubonge amaqembu ababambisene nawo okuyi-ANC, IFP neNFP. Uveze ukuthi zikhona izingqinamba ezibonakala zikhona kulolu hlobo lukahulumeni, athe ukholwa ukuthi kumele kubhukulwe kubhekwane nazo ngqo isikhathi sisavuma kungaze kugcine sekonakala izinto eziningi.

Eqhulwini uthe ingwadla enkulu ekhona eyokuphela kwemali eMnyangweni weMfundo, owezeMpilo nowezokuThuthukiswa koMphakathi.

"Iqiniso lithi ziyabheda izinto kule minyango yomithathu. Lesi yisimo engikholwa ukuthi kumele sisilungise ngoba sibonakala siphuma esandleni,'' usho kanje.

Uxwayise ngokuthi uma lesi simo sizitshwa kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi sigcine sesiholela ekutheni isifundazwe sigcine sesibekwa ngaphansi kweso lomlawuli, okuyinto athe kumele igwenywe.

"Akumele isifundazwe sigcine sesificwa yile nkinga ngenxa nje yokuthi sihluleka ukuxazulula inkinga ebhekene nale minyango,'' usho kanje.

UMnuz Martin Meyer uthe yingakho emnyangweni aphathiswe wona wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, zithe zisuka nje basebenza inkinga yokuthi kubuyiswe uzinzo kwezezimali.

Uthe kumqoka ukuba kuqinisekiswe ukuthi ikhona imali kuyona yonke iminyango kahulumeni, ukuze abantu bathole izidingo