Izindaba

Zihleliwe izinsuku zokuqulwa kwecala lokubulawa kukaMagaqa

Nonkululeko Nhlapo|Published

ABAMANGALELWA ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, oMnuz Sibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana, Mlungisi Ncalane noSibusiso Ncengwa Isithombe: SABELO NSELE

Image: Sigciniwe

Kuhlehliselwe inyanga ka-Okthoba ukuqulwa kwecala lokubulawa kowayenguNobhala-Jikelele wophiko lwentsha ye-African National Congress (ANC) ophinde abe yikhansela laseMzimkhulu, uSindiso Magaqa, owabulawa ngo-2017.

Inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isibeke eceleni isikhathi esiphakathi kuka-6 kuya ku-30 ​​ku-Okthoba ukuze kuqulwe icala. Abammangalelwa ababili okungoSbonela Myeza noMbulelo Mpofana bathweswe amacala amasha ngemuva kokuthi ummangalelwa, uMnuz Sibusiso Ncengwa, elivumile icala ekuqaleni kwale nyanga. Icala likaNcengwa lihlukene nelabanye, uzogwetshwa ngomhlaka-30 kule nyanga.

Echaza icala lakhe ubalule iqhaza labantu abehlukene kuleli tulo lokubulala.

Umfowabo kaMagaqa uLwazi utshele abeSABC ukuthi bagculisekile ngendlela okwenzeka ngayo kuleli cala.

Njengoba ummangalelwa wesine elivumile icala, kukhanya ekugcineni komhubhe, ngoba kusukela ngo-2017, sisebumnyameni. Kodwa manje njengoba sekuphawulwe amagama, sinethemba lokuthi ubulungiswa buzohamba ngendlela efanele. Siyethemba ukuthi konke kuzohamba kahle,” kusho uLwazi