Izindaba

Kuchithwe abadala kuKhongolose kukhunjulwa isishoshovu se-ANCYL

Nkosikhona Cele|Published

LAPHA kungesikhathi kwembulwa itshe likaMnuz Dumisani Mkhize. Abaseceleni uNksz Nomusa Maduna noMnuz noCharlie Mzimela

Image: SITHUNYELWE

UPHIKO lweNtsha ye-ANC ku-ward 1 KwaXimba lukhala "ngamakhehla nogogo" abaqhoqhobele izikhundla kule nhlangano luthi abashenxe manje ungaze ucwile umkhumbi.

Lolu phiko lusho lokhu ngesikhathi luhlangene ndawonye ehholo lomphakathi KwaDeda KwaXimba lukhumbula isishoshovu saleli salo mbutho esingasekho uMnuz Dumisani Mkhize, muva nje.

UMkhize wadlula emhlabeni ngo-2018 eneminyaka engu-35. Izikhulumi ebezisina zidedelana zigcizelele ukuthi sekudingeka abantu abasha hhayi ogogo nomkhulu.

UMnuz Sphamandla Khomo oyiphini likanobhala kule nhlangano, uthe sebekhathele ukuthula benze sengathi ababoni ekubeni izinto ziya ngokuya ziba mapeketwane ngaphansi kwezandla zabantu abadala.

"Iqiniso ukuthi manje sesidinga abantu abasha kwi-ANC abazoyithatha bayiyise kwelinye izinga. Sikhathele ngabantu abadala," usho kanje.

ILUNGU le-ANC uMnuz Sizwe Bee Khanyile obephambili kuhlelwa umcimbi wokukhunjulwa kukaMnuz Dumisani Mkhize

Image: SITHUNYELWE

Uthe umzabalazo wokulwa nobandlululo wawungeke uphumelele kalula ukuba nabantu abasha ababhukulanga bavuka umbhejazane ngo-1976.

UNksz Nomusa Maduna ongusihlalo kule nhlangano, uthe uyobe ungumdayisi umuntu omusha oweseka umuntu omdala ukuba aqhubebe asebenze ekubeni kusobala ukuthi inhlangano idinga intsha ngoba isengcupheni yokufadabala.

UMnuz Charlie Mzimela oyiphini likanobhala eThekwini, uthe sesifikile isikhathi sokuthi abantu abasha babhukule bachithe abantu abadala kungene igazi elisha.

Bekuqhuma amakhwelo nemikikizo uma izikhulumi zihlaba zihlikiza eyabantu abadala ebuholini beqembu. Lolu phiko luthe sekulimi ephinjeni ukuba nomengameli oneminyaka engaphezulu kuka-60.

Ngokuphumela obala ngokungafuni abantu abadala lolu phiko belunanela ikhwelo likaMengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malajti.

Kumbulwe itshe likaMkhize elikhokhelwe yiMzungezwa Foundation, ephethwe yilungu lale nhlangano uMnuz Sizwe Bee Khanyile. UKhanyile uthe bekumqoka ukukhunjulwa kukaMkhize ngenxa yendima ayiklama enhlanganweni.

Ukhale kakhulu ngendlala athe ibhuqabhuqa abantu abasha wathi kumele basukume balwe nalesi simo.