Izindaba

Banuka owomndeni ngokusocongwa kukasomabhizinsi

Nkosikhona Cele|Published

IKHULUNYELWA phansi eyokusolakala kowomndeni ngemuva kokusocongwa kukasomabhizinisi waKwaMaphumulo.

Image: Sigciniwe

IKHULUNYELWA phansi eyokusolakala kowomndeni ngemuva kokusocongwa kukasomabhizinisi waKwaMaphumulo.

UMnuz Zwelibanzi Makhathini (57), kuvela ukuthi ubulawe ngokudutshulwa esemzini wakhe eZithabeni, KwaMaphumulo, ngoMgqibelo ebusuku.

Kuvela ukuthi kufike amadoda amane angene endlini avulela ngenhlamvu amshiya efile.

Kusolwa ukuthi kukhona abanye abomndeni ebebekhona ngaphakathi endlini kodwa bona kabazange bathinteke. Umthombo olaziyo lolu daba ocele ukungavezwa, upotshozele Isolezwe ukuthi abahlaseli bafike behamba ngemoto yohlobo lwePolo empunga, okuthiwa babonakale behla kuyona buqamama, base besondela behamba ngezinyawo.

''Ibuhlungu le nto eyenzekile kule ndoda ngoba thina siyazi njengomuntu wabantu futhi ongaluthandi udlame,'' kuchaza umthombo.

Uthe umufi ubewusizo emphakathini njengoba ebejwayele ukunikela ngamagilosa okudla emindenini entulayo, ikakhulukazi uma kuyisikhathi sikaKhisimusi. Uthe impela umphakathi wakule ndawo ufe olwenziwa ngalo mshophi obehle ngaphezulu.

Indodana kamufi, uMnuz Zakhele Makhathini, ebingathandi ukukhuluma kodwa yagcina yehlisa umoya, igagule igama lowomndeni, yathi bayazi ukuthi nguye ongungqondongqondo wokusocongwa kukayise.

Ithe kodwa ngenxa yokuthi kusalele isidumbu bazothula bathalalise kube sengathi ababoni ukuthi kwenzekeni kumufi.

''Le nto eyenzekile sazi kahle ukuthi ubani oyenzile, ngabe siqamba amanga aluhlaza nje uma singathi kasazi,'' isho kanje.

UMakhathini uthe kodwa akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya maqede kucwebe iziziba. Ecelwa ukuba acacise ngale nkulumo uthe isho ukuthi ''umdlalo awukapheli'' kodwa yima uqala.

''Lo owenze lokhu mina angifihli nje ukuthi kumele avive kahle futhi ngoba kuzobe kubhekene abomndeni, kuyocaca khona,'' usho kanje, wase ecela ukuvalelisa ekhala ngokuthi umane acasuke kakhulu uma ekhuluma ngalolu daba.

Uveze ukuthi uyise udutshulwe bekhona endlini kungekho abangakwenza ngoba amadoda abehlome eyizingovolo futhi emaningi. Uqhube wathi uyise ubenamabhizinisi ehlukene afaka phakathi inqwaba yezindlu zomqasho ezingxenyeni ezahlukene zaseThekwini, ama-tuck shops nendawo yamakhaza.

Siye koshicilela amaphoyisa engakaphenduli emibuzweni ethunyelwe ileli phephandaba.