Uxakekile ongasaluthokozeli ucansi lwesithandwa sakhe
Image: Morgan Morgan / DALL-E / DFA / Illustration
Umbuzo:
MAGUMEDE, ngingowesifazane onenkinga yokuthi njalo uma eya ocansini nomyeni wakhe kuba khona ubuhlungu obungachazeki.
Le nto isinesikhathi yaqala ukwenzeka kodwa manje selokhu ngiyazenzisa ngizama nokubekezela ukuze umyeni wami angaphoxeki ngoba ngisuke ngimbona ukuthi yena ujabulile ngakho-ke akumele ngimphazamise.
Ngisho sesiqedile uma ngithi ngiyochama kuvele kuthi angihayize kakhulu ngale ndlela engachazeki, manje angazi ukuthi ngingamtshela kanjani ukuthi mina angiluthokozeli ucansi nokuthi ngicela uma kukhona into oyaziyo ukuthi ingase ingisize ungiyalele yona sisi wami.
Impendulo:
SAWUBONA sisi wami, kwesinye isikhathi thina bantu besifazane ziningi izinto ezinzima esibhekana nazo ngesikhathi senkonzo yaseLawini kodwa siqhubeke sithule sibekezele ngenxa yokuthi sizama ukujabulisa amadoda ethu.
Ngiyazi futhi akulula ukubuziba ngoba ekugcineni kosuku, uthola ukuthi uziba nje kanti uyalimala ngaphakathi yingakho kubalulekile ukuthola usizo kusenesikhathi. Umyeni wakho angikholwa ukuthi angangakweseka uma uzomtshela ngale nto ekuphethe nakhona ungalindi nize nenze ucansi. Kodwa mtshele nje kukuhle ningenzi lutho, bese uyahamba uyobonana nodokotela wabesifazane yikhona ezokuxilonga akunikeze nosizo. Ukuhlala ubekezele kungadala omkhulu umonakalo.