Izindaba

Kubukeka luya kude elokubulawa kukaMagaqa

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI, uMnuz Sindiso Magaqa, owasocongwa eMzimkhulu

Image: Sigciniwe

SENGATHI lukhulu oluza lunyelela odabeni lokubulawa kwesishoshovu se-ANC, uMnuz Sindiso Magaqa, ngemuva kokuba kusabalele inkulumongxoxo ephakathi kwabathile mayelana nokusocongwa kukamufi. Kule nkulumo kuzwakala iphimbo lomuntu okukholakala ukuthi uyinkabi, esanda kugeqa amagula eNkantolo yaseMgungundlovu, uSibusiso Ncengwa.

Kule nkulumo, lo okukholakala ukuthi uyinkabi uqala ngokuzethula azisho ukuthi unguNcengwa bese-ke engena odabeni. Enkulumweni yakhe uzwakala njengomuntu odumele futhi onengekile nokhala kakhulu ngokungagcinwa kwezethembiso ngabathile. Uzwakala ekhala ezimathonsi ngenkokhelo engazange ifinyelele kuyena.

Uze abalule abathile ukuthi lokhu kwenzeka ngenxa yabo njengoba esola ukuthi yibona abaholela ekutheni inkokhelo igcine ingabe isafinyelela kuyena. ''Uyabona nje leli cala likhulu kabi, akumele ngabe imindeni yethu iyantula,'' isho kanje.

Iqhuba, ize ikhale ngothile ukuthi unomhobholo yingakho le mali igcine ingazange ifinyelele esandleni sayo. Kule nkulumo 'inkabi' ikhuluma nothile okukholakala ukuthi yayimaze ekuhlelweni kwenkokhelo abe ezoyiletha kuyo. Iyachaza nokuthi imthinta yena ngoba ingabatholi laba abaqondene nendaba, yabe isinxusa ukuba ayokhuluma naye ngoba yona ayisamtholi.

"Le nto izoba buhlungu ngoba ekugcinineni nami liyangigqilaza umqondo. Umuntu onomhobholo kakhulu la yilesi sikhulu esiphezulu. Imindeni yethu iyahlupheka la ngaphandle. Le nto mfethu iyinkinga enkulu kabi,'' kuqhuba uNcengwa.

Inkabi iqhubeka ithi yona izowucwilisa umkhumbi futhi baningi abayongena obishini kuphele ngabo uma ingase iqale icule. "Nathi phela bafowethu sinezingane. Bekufanele abantu benze konke ukuhambisa kahle leli cala, bebengadayisa noma yini abanayo ukuze nathi sihlomule,'' isho kanje.

Ikhale kakhulu ngokuthi bayahlupheka ejele ekubeni benganikwanga namali. Uma iqhubeka igcizelela kakhulu indlela engeneme ngayo ngokungakhokhelwa kwayo. Ngasemaphethelweni, lo okukhulunywa naye uyathembisa ukuthi kukhona azokwenza mayelana nalolu daba lwemali ukuze luxazululeke. 

Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Fanele Sibisi, uthe bayakuhlonipha ukubona inqubekela phambili kuleli cala okuyinto athe kumele ishayelwe ihlombe. Mayelana nokuvela kwamagama amalungu ale nhlangano, uthe nasekuqaleni babevele beshilo ukuthi kumele umthetho ukhathule indima yawo.

Uthe umthetho kumele ubonakale kubona bonke abantu, kungakhulunywa eyokuthi ukhetha amabala.

''Noma ubani okutholakala ukuthi uyabandakanyeka ecaleni kumele ajeze, akumele kube nokukhetha okuthile uma kukhulunywa ngamacala. Yikho lokhu okwavunyelwana ngakho eqenjini i-ANC,'' usho kanje.

Umufi wadutshulwa wabulawa ephuma emhlanganweni wamakhansela ngo-2017. Washonela esibhedlela emuva kwesikhathi elashwa.