Izindaba

Izigwebo ezinzima kwababulala owayehamba ngesihlalo esinamasondo

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI uSimanga Khumalo owabulawa ngokudutshulwa ehamba nge-wheelchair

Image: SITHUNYELWE

LIKHALE ngonya nesihluku ijaji libagixabeza ngezigwebo ezinzima, abesilisa ababili ababulala  owesilisa waseMlaza owayehamba ngesihlalo esinamasondo, kufihlwa ubufakazi.

USiyabonga Ngubane (36) nomngani wakhe uSithembiso Khomo (23), balahlwe yicala lokudubula kushone uMnuz Simanga Khumalo (29), owayedume ngelikaKatsande. Izolo inkantolo eNkulu yaseThekwini ibagixabeze ngezigwebo ezinzima njengoba uNgubane imgixabeze ngesigwebo sikadilikajele ngecala lokubulawa kukamufi. Imnikeze iminyaka engu-15 ecaleni lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kwengezwa neminye iminyaka emithathu kwelokutholakala nezinhlamvu.

IJaji uRadebe lithe uNgubane zonke lezi zigwebo uzozidonsa kanye kanye. ''Inkantolo ibona kufanele ukuba ikunikeze lesi sigwebo ngenxa yesenzo sakho sokudubula ubulale umufi,'' kuchaza ijaji.

UKhomo ugixabezwe ngesigwebo seminyaka engu-20 ngecala lokubulala. Ijaji  lithe ngeke zifane izigwebo zalaba ngenxa yokuthi uKhomo akazange adubule kodwa wabalekisa uNgubane ngemoto. Liqhuba ijaji likhale kakhulu ngesihluku nesibindi sokubulala umuntu ohamba ngesihlalo esinamasondo.

''Nakhombisa unya olubi kabi ngokuthi nibulale umuntu evele esehamba ngesihlalo esinamasondo,' 'kusho ijaji.

Likhale ngokuthi laba bahubhuza amanga enkantolo bezama ukuziphungela. Lincome uMbuso lathi ukwazile ukuvezela inkantolo ubuqiniso bokuthi ngempela laba yibona ababulala umufi.

Kuvela ukuthi umufi wahlaselwa wadutshulwa engaphandle kwakubo kwa-Q eMlaza, evakashele ugogo wakhe ntambama ngoMashi 28, ngonyaka odlule.

Ngesikhathi icala lisenkantolo yeMantshi eMlaza, uNgubane yamchitha inkantolo ecela ibheyili ikhala ngokuthi izizathu zakhe kazizwakali, kwathi uKhomo yena inkantolo yamvumela. Umufi ubesehamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kokudutshulwa okokuqala ngo-2021, ecaleni okwaboshwa kulona umlisa owaziwayo, okwakukholakala ukuthi uyena ogcine ethumela izinkabi esejele ukuba zizoqeda ngomufi ukuze agqibe ubufakazi.

Enkantolo phambilini kwahlaluka ukuthi umufi ngaphambi kokuba abulawe, wayelokhu ethola izinsongo ezazivela kumuntu ongaziwa, emxwayisa ngokuthi makesule icala lokudutshulwa kwakhe lango-2021 uma efuna ukuqhubeka nokudla anhlamvana. Wabulawa sekuphele iminyaka emibili ehamba ngesihlalo esinamasondo. Bagwetshwe bengayidalulanga imbangela yokubulala umufi.

Umufi kuthiwa wakhubazeka ngesikhathi abathile bembamba inkunzi engena kubo, bamshaya ngenduku yegalofu ngaphambi kokuba bamphuce ifoni yomsebenzi. Kuthiwa umufi wabikela unina wase ehamba naye eyobikela unina kamsolwa ngokwenzekile, kodwa kuthiwa umsolwa kwathi uma ebabona wangabuza lutho, wamane wamdubula kwaba wukugcina kwakhe ukukwazi ukuzihambela ngezinyawo umufi.

Ilungu lomndeni kamufi elingeke livezwe, lithe bathobeke amanxeba ngokuthi abanecala lokubulala sebeze bagwetshwa. Lithe kodwa basenovalo ngokucatshangwa yilona osengaphakathi ejele abasola ukuthi nguyena owayethumele asebegwetshiwe ukuba babulale umufi.