Izindaba

Uncome iKZN ngokuyisingatha ngempumelelo iComrades Marathon

Zimbili Vilakazi|Published

UZITHELE kanje ngamanzi omunye wabasubathi kwiComrades Marathon ebe yimpumelelo eKZN izolo

Image: Doctor Ngcobo/Independent Media

UNDUNANKULU wesifundazwe iKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uncome isifundazwe ngokubamba ngempumelelo umjaho iComrades Marathon izolo. 

UNtuli nezinye izikhulu, okukhona kuzo noNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke uMnuz Gayton McKenzie kanjalo ngoMphathiswa wezeMdlalo kulesi sifundazwe uMnuz Mntomuhle Khawula, bebenkanise ePeople’s Park, bezokwamukela abanqobile. 

Umjaho unqotshwe wuTete Morena Dijana waseLimpopo kwabesilisa, kwathi kwabesifazane kwaba nguGerda Steyn waseFree State ozihole phambili.

Kulo nyaka, lo mjaho ongamakhilomitha angu-89 ubusuka eMgungundlovu uya eThekwini. 

“Siyababongela kakhulu oDijana noSteyn, ngokugijima ngokuzikhandla,” kusho uNtuli.

Uqhube wathi bayababongela bonke abasubathi ababe yingxenye yomjaho, wathi abagcinanga nje ngokuba abasubathi kodwa babe yizivakashi esifundazweni iKwaZulu-Natal. 

Uthe isifundazwe siyaziqhenya ngokusingatha umdlalo waleli zinga.

Uthe lokhu kuqinisa ubudlelwane bakuleli namazwe ahlukahlukene.  

“Lona ngumjaho osalokhu uqhubeke njalo nokukhombisa ukuthi siyisifundazwe sinamandla okusingatha umcimbi waleli zinga,” kusho uNtuli.

Uncome uMasipala weTheku kanjalo nowaseMgungundlovu ngokuqinisekisa ukuthi konke kuhambe kahle kusuka umjaho uqala waze waphelela eThekwini.

Uthe labo masipala babambisane kahle ukuze umjaho ube yimpumelelo.

Uqhube wathi akungatshazwa ukuthi ngokuba khona kwalo mjaho esifundazweni, ezokuvakasha zihlomulile.

Uphinde wabonga abebeseka abasubathi emgwaqweni ebebegijima kuwo, wabonga abosizo oluphuthumayo, kanjalo namaphoyisa. 

Uthe ukweseka kwabasubathi kuqinisekise ukuthi lo mcimbi uba yimpumelelo.