UMNUZ Khethamabala Sithole, obengumholi we-IFP obulewe
Image: Sithunyelwe
KUBOSHWE abasolwa ababili mayelana necala lokubulawa komholi we-IFP, uMnuz Khethamabala "KP" Sithole (68), owadutshulwa wabulawa ehostela iBuyafuthi, eKatlehong, eGoli, ngoMgqibelo.
Lokhu kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa aseGoli, uLieutenant Colonel Mavela Masondo.
Uthe, ngoMsombuluko kuphekwe ngemibuzo abantu abathathu, ababili babo abaneminyaka engu-30 nengu-32 abayamaniswa naleli cala kwathi owesithathu wadedelwa.
ULieut Col Masondo uthe laba babekwe icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.
"Kubikwe ukuthi abantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu kubantu ababenomhlangano. USithole washonela endaweni yesigameko kanti abanye ababili baphuthunyiswa esibhedlela benamanxeba okudutshulwa," kusho uLieut Col Masondo.
Uthe omunye wabalimala welashwa wadedelwa kanti omunye usasesibhedlela. Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi ePalmridge. ULieut Col Masando uthe kulindeleke ukuba kuboshwe abanye abasolwa njengoba uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
USithole ubeyilungu lesigungu esiphezulu se-IFP futhi eyiPhini likaSotswebhu weqembu ePhalamende. Uzofihlwa eQhudeni, eNkandla, ngeSonto ngo-9 ekuseni lapho okulindeleke ukuba uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ethule inkulumo.
Related Topics: