Izindaba

Kumshubele ungqongqoshe ngendlela aziphatha ngayo ePhalamende

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, okumele ahambise umbiko ogcwele kumengameli wezwe ngendlela aziphathe ngayo ekomitini lasePhalamende

Image: X

KUMSHUBELE uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ngendlela aziphathe ngayo ngesikhathi esemhlanganweni wekomiti lalo mnyango ePhalamende, njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa efuna umbiko ogcwele ngokwenzekile.

UDkt Nkabane ugxekwa nxa zonke ngendlela aziphatha ngayo kulo mhlangano obungeledlule, lapho abonakala enxamfuza ushingamu ngesikhathi kuqhubeka umhlangano.

Wabonakala ezitika ngokudla ngesikhathi kuqhubeka umhlangano, okwenza amanye amalungu ekomiti amnxusa ukuthi angadli phambi kwesizwe njengoba lo mhlangano wawuvezwa bukhoma ezinhlakeni ezehlukene.

La malungu athi kunezitshudeni ezilambile ezingakhokhelwe yisikhwama iNSFAS ezikhungweni ngakho akukuhle ukuthi yena angadla.

Okunye agxekwa ngakho yindlela ayephendula ngayo imibuzo ayeyiphonswa ngamalungu ePhalamende mayelana nokuqokwa kosihlalo bama-Seta, agcina ehoxisa ukuqokwa kwabo.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana babemgxeka ngendlela aziphathe ngayo etshengisa ukungabi nandaba uma ephendula imibuzo.

Abanye babethi uma i-ANC iqhubeka ifaka abantu abafana naye ezikhundleni eziphezulu, izoqhubeka ilahlekelwe ukwesekwa ekubeni ivele isenkingeni yokwehlelwa ukwesekwa.

Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe umengameli ulinde umbiko ogcwele kuDkt Nkabane ngokwenzekile.

"Ngeke ngikwazi ukuveza ukuthi umbiko ulindeleke nini kodwa yena kumele awulethe. URamaphosa ulusukumele lolu daba njengoba kube nezikhalazo eziningi ezivela ezinhlakeni ezehlukene ngendlela ababona eziphethe ngayo uDkt Nkabane," kusho uMagwenya.

URamaphosa ubuye wadlulisa amazwi endunduzo emndenini kalowo owayengumengameli waseZambia, uMnuz Edgar Lungu, oshone izolo, kuleli, njengoba ebelashelwa esibhedlela esisePitoli.