UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, izolo, uhambele umndeni womlingisi oshone ngeledlule uPresley Chweneyagae, wodumo lwefilimu i-Tsotsi
Image: EFF/X
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe bazoqhuthana amakhizane noMnuz Floyd Shivambu, uma sebehlangana ePhalamende.
UShivambu obengunobhala jikelele weqembu Umkhonto weSizwe, ususwe ngubuholi obuphezulu baleli qembu bamyisa ePhalamende, kulandela ukuphula umthethosisekelo weMK, ngokuhambela eMalawi, evakashele uMfu Shepherd Bushiri, ofunwa ngabomthetho kuleli.
UShivambu washiya kwi-EFF eyojoyina iMK emuva kokungabuvuseleli ubulungu bakhe.
UMalema uthe akathandi ukukhuluma ngezinto ezithinta uShivambu noma iMK.
"Angisebenzisani noFloyd, angifuni ukungena ezintweni zakhe. Kodwa wayeyaphi? Akayona inkinga yethu, uma sihlangana ePhalamende sizoqhuthana amakhizane naye," kusho uMalema.
Ukusho lokhu ekhuluma nezintatheli emuva kokuyobhonga emswanini emndenini womlingisi oshone ngeledlule, uPresley Chweneyagae ePitoli.
UMalema uthe yintsha ephethe ePhalamende manje.
"Uma uFloyd ecabanga ukuthi uzochitheka asihlakaniphele, simlindile. Ngeke akwazi ukusichithekela ngomqondo ngoba simlindile," usho kanje.
Ugxeke nokuthi iMK ihlale ifuna kuhlangane amaqembu abamnyama abe yinto eyodwa.
"Kungani ihlale ithi akuhlangane abamnyama kodwa ayiyi kwamanye amaqembu iyoxoxa nawo. I-MK ilokhu ifuna ukuhlangana ne-EFF ngoba bafuna ukusigwinya, okuyinto engeke yenzeke," kusho uMalema.
Umholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, uhlale eshumayela ivangeli lokuthi amaqembu amnyama abumbane, asebenzisane.