ULALA Cele ongumdidiyeli weHollywood Athletics Club ozobe egijima iComrades Marathon ihlandla lesikhombisa nonyaka
Image: LALA CELE FACEBOOK
ONGUMDIDIYELI weHollywood Athletics Club, uLala Cele, ukhuze umkhuba owenziwa ngabanye babaqeqeshi besilisa kwezokugijima nakweminye imidlalo wokubona izintombi ezinganeni zamantombazane abaziqeqeshayo.
ULala ongomunye wabagijimi besifazane abagijimela ukuzigcina beyimiqemane (social runners) uzobe ephakathi kwabagijimi abalinganiselwa ku-1 300 abazobe begijimela ukuzigcina beyimiqemane emjahweni waminyaka yonke, iComrades Marathon.
IComrades yakulo nyaka yebanga lika-89.98km, izogijinywa kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini, ngeSonto.
“Okokuqala nje, bayashoda kakhulu abagijimi besifazane abamnyama kulo mdlalo wethu wezokugijima. Emiphakathini yethu yabamnyama, ikakhulukazi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, sinenselelo yokuthi izingane zamantombazane azinikwa ithuba elanele lokubamba iqhaza kwezemidlalo uma kuqhathaniswa nezinye nezinye izinhlanga."
Uthe kunenkolelo yokuthi intombazane uma ibuya esikoleni kufanele ipheke yenze neminye imisebenzi yasendlini, ayicatshangelwa ukuthi kumele ibe nomdlalo ewudlalayo.
"Kuphinde kube nalabo bazali abanenkolelo yokuthi uma ingane ihamba iyodlala ntambama uma ibuya esikoleni nangezimpelasonto, isuke iye ebafaneni, okuyinto ewadikibalisayo amanye amantombazane,” kusho uLala Cele, osegijime iComrades amahlandla ayisithupha, wayiqeda amahlandla amahlanu.
Uthe noma ingane yentombazane isidedeliwe-ke ngabazali ukuthi iyobamba iqhaza emidlalweni, kuphinde kube nenselelo yabaqeqeshi besilisa okuyibona abaqeqesha lezi zingane.
Uveze ukuthi bagcina bengaziphathi lezi zingane njengezingane zabo kodwa bagcine bebona izintombi.
"Ithi ingane isiqala ukukhombisa ukudlondlobala emdlalweni wayo, uthole ukuthi isikhulelwe, ikhuleliswa nguye lo mqeqeshi. Emva kwalokho, inyamalale ingabe isabuya emdlalweni ebiwenza kahle, bese kuba ukuhamba kwalo njalo ithalente, lona leli eliyindlala elidengekayo labagijimi besifazane neminye imidlalo."
Uthe: "Ngakho kungaba kuhle ukuthi nabo abaqeqeshi besilisa kulesi sikhathi samanje, ikakhulukazi kulesi sihlava esidlangile sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukuthi bakubeke phambili ukuthuthukisa izingane abaziqeqeshayo nokulwela ukubona ukuqhakaza kwekusasa lazo."
Uthe akungabi yibona abacekela phansi ikusasa lazo.
"Abathathe lezi zingane abaziqeqeshayo njengezingane, imizwa bayibeke eceleni bagxile ekuzilekeleleni zisimame emidlalweni ngoba akuzona zonke izingane ezizophumelela ngemfundo. Ezinye yizona ezizokwenza umehluko emindenini yazo ngokudlala kwazo,” kuqhuba uNksz Cele.
ULala Cele usho kanje, zikhona izigameko ezahlukene ezithinta abaqeqeshi besilisa kwezokugijima nakwezikanobhutshuzwayo nakweminye imidlalo, osekuke kwabikwa ngazo kwabezindaba.
Muva nje, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns Ladies edlala kwiSafa Hollywoobets Super League, uJerry Tshabalala, umisiwe kuleli qembu ngoDisemba, nyakenye, ngezinsolo zokunukubeza abanye babadlali baleli qembu lebhola labesifazane.
Related Topics: