Izindaba

Bakhathazekile abafundisa e-UKZN 'bengaholelwa izinyanga ezinhlanu'

Simangaliso Ntshangase|Published

Bakhathazekile abafundisa e-UKZN 'bengaholelwa izinyanga ezinhlanu'

Image: SIGCINIWE

SEKUQUBUKE ukukhathazeka kubasebenzi abawu-95 abayitoho lezinyanga eziyisithupha base-University of KwaZulu-Natal, kuphela izinyanga ezinhlanu bengaholile selokhu beqashelwe ukuzofundisa isifundo esisanda kwethulwa kule nyuvesi, iCritical Social Justice ngoJanuwari.

Omunye walaba basebenzi ocele ukuthi lingadalulwa igama lakhe exoxa neSolezwe uthe kuze kufika kulesi sigaba abakusona manje, indaba iqale ngoDisemba ngesikhathi inyuvesi ikhipha izikhangiso zomsebenzi wokufundisa lesi sifundo, esiqale ukufundiswa kulesi sikhungo nyakenye, nangempela bafaka izicelo, kwaqala kwasetshenzwa ekuqaleni kwalo nyaka.

"Siqale ukusebenza ngoMashi, emva kokuqeqeshwa izinyanga ezimbili ukufundisa lesi sifundo, nazo lezo zinyanga ezimbili sasithenjiswe ukuthi sizozikhokhelwa, kodwa kuze kuzoba yimanje lutho ukungena umholo, ngisho owenyanga eyodwa okungenani. 

“Sasithenjiswe ukuthi sizohola imali ephakathi kuka-R3 500 kuya kuR3 700 njalo ngenyanga ngomsebenzi wokufundisa lesi sifundo kuzona zonhlanu izikhungo zale nyuvesi, kodwa bekuthi uma sekumele sihole, kulokhu kuthiwa asilinde, kwaze kwafika lapho esitshelwa khona ukuthi asisezukuholelwa umholo ophelele wenyanga yonke, kunalokho sebezosiholela ngokwamahora esiwasebenzile, nalapho futhi bakhulumela ukuthi sizoze sihole ekupheleni kwenkontileka ngoJuni," kusho isisebenzi.

Siqhuba, sithe bakhathazekile ngokuthi kuze kuphela izinyanga ezinhlanu besebenzela ubala, kuthi nalapho sekukhona ababathembisa khona, kodwa akusekhona okwavunyelwanga ngakho futhi kwasayinwa phansi mhla bezoqala umsebenzi ngoJanuwari.

"Kuyasidida ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi siqashwe, kodwa uma sekumele sikhokhelwe sitshelwe ukuthi imali yokusikhokhela ayikho. Sasiqashwe kanjani uma kuzoba nezinkinga uma sekumele sikhokhelwe? Kwayona le ndlela abasho ngayo yokuthi bazosiholelela amahora esiwasebenzile kuphela, kuzosilimaza kakhulu ngoba kusho ukuthi esikhundleni semali engaphezu kuka-R20 000 okumele siholelwe yona sekuhlangene zonke lezi zinyanga, kuzokwenzeka ukuthi sigcine sithole okungenani o-R7 000 kuphela. Yisenzo esibona singenabo nhlobo ubulungiswa ngoba akuvunyelwananga ngalokho ekuqaleni," sisho kanje. 

Kuthintwa umqondisi wophiko lwezobudlelwano nokuxhumana e-UKZN, uNksz Normah Zondo, uvumile ukuthi kube nokubambezeleka ngokukhokha umholo wabasebenzi, wathi kudalwe yizingqinamba ezithile - nokho wathembisa ukuthi bazozilungisa ngokushesha.

"Kumanje silungisa yona le nkinga ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi abathintekayo kule nkinga bakhokhelwa imali yabo ngokushesha, futhi siyathembisa ukuthi bazothola umholo wabo njengoba unjalo. Sizobathinta bonke abathintekayo kulesi simo ukuze kulungiswe izinkinga zabo, futhi siyaxolisa ngakho konke okwenzekile," kusho uNksz Zondo.