Izindaba

Uthokozise umndeni umnyakazo ecaleni lowabulawa ngesihluku

Zimbili Vilakazi|Published

Injabulo ngomnyakazo ecaleni lokubulawa kowesifazane

Image: Umfanekiso ogciniweyo

KUWUJABULISILE umndeni okwenzeka ecaleni lowesifazane waKwaMame, oLundi, okusolwa ukuthi wabulawa ngesihluku yisoka emijondolo yasemgwaqweni uCoedmore eSeaview, eThekwini ekuqaleni konyaka odlule.

Isidumbu sikaNksz Nonhlanhla Nene (39) sambiwa egodini elingashoni ehhokweni lezinkukhu elikule mijondolo, kulandela ukuthi uMnuz Mandla Zuma, ongowokudabuka eNkandla, eshaywe wumphakathi waze wagonyuluka ukuthi umbulele.

Umfowabo kamufi, naye ohlala kuyo le mijondolo, uMnuz Sfiso Nhleko eyilanda emumva uthe, udadewabo babegcine ukumbona ephila ngoDisemba 22, 2023, ehamba nomsolwa.

Uthe kwenzeka okungajwayelekile, udadewabo owayekade ehlala naye phambilini, kodwa wathutha wayohlala nomsolwa emva kokuqala komjolo wabo ngo-2023, engaqhamuki ngoKhisimusi (Disemba 25, 2023).

“Ngambuza uZuma ukuthi uphi udadewethu, wangitshela izinto ezahlukene. Wafike wathi akamazi ukuthi uphi, wabuye wathi uhambe wayohlala eClairwood nowokufika asethandana naye,” kusho uNhleko.

Uthe emva kokuhamba kwamasonto bengezwa lutho kudadewabo, umphakathi waqoqana, wathi ukuxoxaxoxa noZuma, wagcina egonyuluka ngokumbulala nokumgqiba ehhokweni.

“Kwalekelela nokuthi indodakazi (12) kadadewethu, angayizali uZuma, ithole isibindi isibona sekungenelele umphakathi. Yasho ukuthi usingababa wayo owabulala unina phambi kwayo maqede wayisabisa ngokuthi uma ike yatshela abantu, uzoyibulala, bese ebulala nathi singomalume bayo,” kusho uNhleko.

Uveze ukuthi indodakazi yaze yalanda izikhali ayezisebenzisa, ezatholakala zisenegazi, okwathi uma bembuza ngalo, wathi elofishi, abadobayo.

Uthe kwavela ukuthi uZuma wambulala ngokumklinya ngentambo udadewabo waze wafa. Kuthiwa wabe esemgwaza ngezikhali ezehlukene, emkhipha izitho zomzimba zangaphakathi.

Uthe kwavela nokuthi indodakazi kadadewabo wayeyidlwengula ephindelela, kusaphila unina.

“Kuthiwa umbulala nje, babebanga khona lokho, udadewethu embuza ukuthi ubenzelani ubulwane obungaka,” kusho uNhleko.

Uthe okuke kwabadida wukuthi icala akukho okutheni obekuqhubeka ngalo.

Nokho kuthe ngoMsombuluko odlule, ngesikhathi libuyela enkantolo, laqala ukuqulwa, umshana wakhe wethula ubufakazi.

“Ubethule izinsuku ezimbili. Lase lihlehliselwa uJuni 20 kuwo lo nyaka lapho okuzofakaza khona mina, iphoyisa elafika endaweni yesigameko nosonhlalakahle,” kusho uNhleko.

Uthe: “Lo mnyakazo uyasithokozisa ngoba bese kuphele isikhathi eside kungenzeki lutho. Bese size sizibuze ukuthi kanti yini eshodayo ngoba uZuma wazivumela yena ukuthi uye obulele udadewethu, kwavela nezikhali ayezisebenzisa ngesikhathi enza lokhu, waze wakhomba ngisho nalapho emgqibe khona. Sasesidideka ukuthi kanti kwenzekani,” kusho uNhleko.

Uchaze uZuma njengomuntu owayemhlukumeza udadewabo esikhathini esingaphansi konyaka abasithandana. 

Uthe waze wamtshela udadewabo ukuthi akamyeke ngoba ukhombisa izimpawu zodlame, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya ngoba wayemthanda.