Izindaba

Umlando i-UCCSA iqoka owesifazane kwesikaModerator

Nkosikhona Cele|Published

KUSUKA kwesokudla nguMfu Philani Jula, Mfu Thandi Mwelase, Mfu Mduduzi Khoza, Mfu Skhonzi Khathi, Mfu Sandile Sokhela, Mfu Samkelisiwe Mkhize, Mfu Wiseman Ngcobo noMnuz Theophelus Nyasengo

Image: SITHUNYELWE

KUQOPHEKE umlando ebandleni i-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA) KwaZulu-Natal ngesikhathi kuqokwa u-moderator wokuqala ngqa wesifazane emlandweni. UMfu Thandi Mwelase (43) uqokelwe kulesi sikhundla ngemuva kokhetho obelukade luqhubeka ePinetown muva nje. Umsebenzi we-moderator ukuhola jikelele ebandleni, uhlele imihlangano, inqubo yebandla nokunye.

UMfu Mwelase uthe uyayemukela inselelo yokuthi abe ngumuntu wesifazane wokuqala ukuhola leli bandla.

Lokhu ngokusho kwakhe kuveza ngokusobala ukuthi leli bandla libahlonipha kangakanani abantu besifazane.

''Lokhu kusho lukhulu kimina kodwa engingakusho nje ukuthi ngizosebenza ngokuthembeka kanjalo nangokuzikhandla ngaso sonke isikhathi. Okumqoka kakhulu ukubona umsebenzi webandla likaNkulunkulu uba nenqubekela phambili ngaso sonke isikhathi,'' usho kanjena.

Uthe njengomuntu wesifazane uyafisa ukubona bonke abantu besifazane baleli bandla baqhubeke nokumthanda uNkulunkulu nangokumkhonza ngokungakhathali.

UMfu Mwelase ungena ezicathulweni zikaMfu Ngema. Selulonke uhlu olwabaqokiwe esigungwini esisha saleli bandla lumi kanjena;

KwesikaSihlalo wamaBandla wesiFunda kukhethwe uMfu Philani Jotham Jula, Mfu Thandi Goodness Mwelase kwesikaModerator, kwesikaMgcinimafa kuqokwe uMfu Mduduzi Khoza, kwesikaNobhala kube nguMfu Skhonzi Khathi, oqokelwe kwesikaSihlalo kube nguMfu Sandile Sokhela, kwathi ekuqeqeshweni kwabefundisi abasafunda kukhethwe uMfu Samkelisiwe Mkhize, kanti okhethelwe ukubhekelela umsebenzi webandla uMfu Wiseman Ngcobo, usihlalo ophumile nguMfu Theophelus Nyasengo.