UMASIPALA weTheku usezinhlelweni zokuvuselela idolobha ukuze likwazi ukuheha abatshalimali. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba lapho iMeya uMnuz Cyril Xaba nemenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele, bedalula lezi zinhlelo.
Image: Doctor Ngcobo Independent Newspapers
UMASIPALA weTheku usezinhlelweni zokuvuselela idolobha ukuze likwazi ukuheha abatshalimali. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba lapho iMeya uMnuz Cyril Xaba nemenenja kamasipala, uMnuz Musa Mbhele, bedalula lezi zinhlelo.
Imeya ithe umasipala ubulokhu usezinhlelweni zokuheha utshalomali olucishe lufinyelele kuR270 billion ngenhloso yokudala amathuba omsebenzi angu-300. UXaba uthe sebeqalile ukuvuna izithelo zalokho wabalula osekuzuziwe okubalwa iSibaya Development, Ocean Mall Development nokwakhiwa kwenxanxathela yezitolo, iWestown, eNtshongweni.
"Enye yezinhloso zethu njengoba intuthuko siyisa kwezinye izindawo njengasentshonalanga, ukuncipha isiminyaminya sezimoto edolobheni. Sisezinhlelweni zokuthuthukisa iPoint Waterfront, sikhuluma nabanikazi bamabhilidi amadala angasasebenzi ukuba bawadilize, " kusho imeya.
Imeya ithe bazama ukuhlanza iTheku nokususa abantu abangafanele ukuba khona ukuze idolobha livuselelwe. UMbhele uthe ukuvuselelwa kweTheku kuwukwamukela ukuthi alisekho esimweni esihle.
UMbhele uthe imizamo yokulivuselela ngeke iphumelele uma zingaqiniswa ezokuphepha, nokulawulwa kwabahlala emgwaqeni.
"Ngeke walivuselela idolobha uma ungekho ugesi, amanzi nendle igeleza emgwaqweni futhi ngeke wakwenza kahle ungayiqinisile imithetho kamasipala," kusho uMbhele.
Uqhube ngokuthi sebesebenzisa ubuchwepheshe ukulwa nobugebengu baphinde bandisa isibalo samaphoyisa kamasipala.
"Siyajabula ukuthi le mizamo ibehlisile ubugebengu. Sivikela abahwebi ngokuthi silwe nabahweba ngokungemthetho."
Uphinde waveza ukuthi babheke utshalomali lwase-United States Arab Emirates olungaphezulu kukaR450 billion. Uthe kukhona utshalomali oseluqinisekisiwe olungaphezulu kukaR2 billion oluzofakwa Beachfront. Ubalule nokuthi kukhona abazimisele ukuxhasa isitimela esizoxhumanisa izindawo ukusuka eMngeni size siyofika eKing Shaka International Airport.
Related Topics: