Cyril Ramaphosa
Image: GCIS
SIGODLIWE isinqumo ecaleni elidluliswe nguMengameli Cyril Ramaphosa eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein lapho efuna kuchithwe isinqumo seNkantolo enkulu yasePitoli eyathi akalandelanga imigudu efanele ngokunikeza iSilo uMisuzulu kaZwelithini isitifiketi esimnika ilungelo lokuthatha isihlalo.
Leli cala lingene ngoLwesithathu laqhubeka izolo lapho ummeli kaRamaphosa, u-Advocate Marumo Moerane evezele inkantolo ukuthi uMengameli akaphuthumanga ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo ukuhlala esihlalweni.
URamaphosa ufake isicelo sokuphikisa isinqumo seJaji Norman Davis weNorth Gauteng, phambilini owathola ukuthi akayilandelanga imigudu efanele ngesikhathi ekhipha isitifiketi. IJaji lathi uMengameli wehluleka ukulandela imigudu efanele ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act, ngokwehluleka ukujuba ikomiti elizophenya ngesikhathi kuqubuka umbango wesihlalo phakathi kukaMisuzulu nomnewabo uSimakade.
Kulindeleke ukuthi izinhlangothi, olukaRamaphosa noloMntwana uSimakade ngoLwesithathu oluzayo, zifake amanye amaphepha enkantolo njengoba kunokuphikisana ukuthi uSimakade wayeyingxenye yecala elaliseNkantolo enkulu eMgungundlovu, eyanquma ukuthi yalandelwa imigudu efanele ngokuqokwa kweSilo.
Omele iSilo, u-Adv uTembeka Ngcukaitobi, uthe ukuqokwa kweSilo kwenziwa emhlanganweni osemthethweni futhi kwenziwa ngokomthetho wesintu.
Uthe lolu daba selwaphothulwa enkantolo.
Related Topics: