Izindaba

Ugadwe amaphoyisa esibhedlela umshayeli webhasi ephonseke ebhulohweni

Zimbili Vilakazi|Published

INDAWO yengozi lapho okufe khona abathathu, kwalimala abangu-15 oThongathi izolo ekuseni

Image: KZN DEPARTMENT OF TRANSPORT

UBALWA nalabo abalaliswe esibhedlela ngaphansi kweso lamaphoyisa umshayeli webhasi egingqike oThongathi, yabulala abantu abathathu, kwalimala inqwaba izolo.

Lokhu kuvezwe uMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, ngesikhathi ehambele indawo yesigameko. 

Bangu-15 abantu abalimale kule ngozi, baphuthunyiswa esibhedlela.

Ngokusho kwabeRoad Traffic Inspectorate (RTI), isigameko senzeke ngezikhathi zasekuseni, umshayeli webhasi ehluleka ukuyilawula, emva kokuba iphelelwe amabhuleki.

Kuthiwa uzame ukugwema ukushayisa ezinye izimoto, wayiphendula, wayiphonsa ebhulohweni  elingamamitha angaphezu kuka-50. 

UDuma uthe bazokwenza uphenyo olugcwele ngesigameko, ukuphelelwa amabhuleki kwebhasi, nokuziphatha komshayeli kule ngozi.

“Umshayeli webhasi uyaphila kodwa naye ulimele. Ulaliswe esibhedlela. Ubhekwe amaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (SAPS), okuyinto eyenziwayo uma kube nengozi ekanje,” kusho uDuma.

Uthe udaba lokungasebenzi kwamabhuleki, yilona abathe uma befika endaweni yesigameko, batshelwa ngalo kuqala. 

Uthe bawathathile ama-rim ebhasi endaweni yesigameko ukuze ayohlolwa. Uveze ukuthi nebhasi ngokunjalo, lizothathwa (liyohlolwa).

Uqhube wathi ngeke lusale ngaphandle olokubhekwa kokuthi abukho yini ubudedengu ohlangothini lwenkampani yebhasi. 

“Uma kutholakala ukuthi bukhona enkampanini yebhasi noma kumshayeli, sizophusha ukuthi babekwe icala lokubulala,” usho kanje.

Uveze ukuthi uphenyo luzokwenziwa umnyango ngokubambisana namaphoyisa, iRTI neRoad Traffic Management Corporation (RTMC).

Udalule ukuthi abafe engozini, abesifazane abathathu baseBurbreez, oThongathi, ku-ward 62. Bebesuka esitobhini sebhasi ngo-6 ekuseni, belibangise emsebenzini.

UDuma uthe bafisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonile, wabe esefisela labo abaphuthunyiswe esibhedlela ukululama okusheshayo.