UMfu Sibusiso Ngema obonga uNkulunkulu ngokudlondlobala kwenkonzo yokhuleko woMsebe
Image: SITHUNYELWE
UBONGA uNkulunkulu ngokudlondlobala komkhuleko waseMsebe umsunguli walo mkhuleko uMfu Sibusiso Ngema webandla laseSheshi.Ubekade ekhuluma kwindumezulu yenkonzo yamahlelo ehlukene ebikade iseCurries Fountain muva nje.
Le nkonzo ibikade ihlelwe inhlangano ebizwa ngokuthi uJesu uyabuya Masinyane ngokubambisana nabenkonzo yoMsebe.Uveze ukuthi ukwambulwa kwalo mkhuleko kwakungunyaka yo-2007 kodwa yaze yaqala ukusebenza ngonyaka ka-2013.
Inkonzo yomkhuleko woMsebe iye ibe KwaNongoma futhi ijwayele ukuhanjelwa ngabazalwane bamahlelo ehlukene abasuke bevela ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu Natal.Uveze ukuthi kuyamthobisa kakhulu ukubona lolu hlobo lomkhuleko ludlondlobala minyaka yonke.
''Umkhuleko woMsebe waqala ngesibonakaliso esafika komama abathile owabatshela ukuthi kuzoba nalolu hlobo lomkhuleko KwaNongoma. Labo mama batshelwa ukuthi umuntu oyoqala lolu hlobo lomkhuko ubaba uNgema. Cbanga ngoba ngaleso sikhathi ngangingakabi uMfundisi,'' echaza.
Kule nkonzo bekuhlangane abaholi bamabandla ehlukene. Omunye wabo bekunguMbhishobhi SSM Mdletshe. Uvule incwadi kaMathewu 16 vs 18. Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuba ibandla likaNkulunkulu libonakale likhulekela izinkinga eziningi ezibonakala zisabalele ezweni lonke.
Uthe nedolobha iTheku kuyadinga ukuba likhulekelwe kakhulu kunakuqala. ''Liyasho ibhayibheli ukuthi kumele mabakhulekelwe labo abasemagunyeni. Lokhu kungumyalelo obhekiswe nje ngqo kithina njengabaholi bebandla likaNkulunkulu,'' usho kanjena.
Related Topics: