Ligcine lifile iphoyisa elivulele ngenhlamvu kwabebesiza ngemuva kwengozi
Image: Sigciniwe
Amaphoyisa KwaZulu-Natal aphenya amacala okubulala, ukuzama ukubulala, nokushayela budedengu kulandela isehlo lapho iphoyisa elinguConstable okusolwa ukuthi lidubule labulala uzakwabo kanye nabanye abantu ababili, kwashona oyedwa kwalimala omunye endaweni yaseMachunwini, esiFundeni iHarry Gwala, ezintatha zangoMgqibelo, 31 May 2025.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa amathathu, oSergeant ababili kanye noConstable, abangamalungu eTactical Response Team yaseFree State Province, bebehamba ngemoto besuka lapho bebejutshwe khona e-Eastern Cape belibangise eFree State ngesikhathi begeja uphawu lokuchezuka emgwaqweni kanti imoto abebehamba ngayo izophaphalaza ishayise izinsimbi.
Amalungu omphakathi amabili aphuthume ukusiza futhi asiza ngokuthinta abezimo eziphuthumayo neloli edonsa izimoto ezilimele.
Kubikwa ukuthi uConstable wehla emotweni wadubula umshayeli weloli elidonsayo. Ngesikhathi uzakwabo engenelela kuthiwa uConstable wamdubula nelinye ilungu lomphakathi. Kuthiwa uConstable ube esezibhekisa kuye isibhamu wazidubula. UConstable nomshayeli weloli bashonele endaweni yesigameko, kwathi uSergeant nomunye wesilisa baphuthunyiswa esibhedlela. Iphoyisa lesithathu lisindile kulesi sigameko.
Isizathu salokhu kudubula siyingxenye yophenyo lwamaphoyisa.