Izindaba

Babambe umoya ngoduke kwatholwa imoto inegazi

Zimbili Vilakazi|Published

UMSHAYELI wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile uMnuz Thamsanqa Gumede

Image: SITHUNYELWE

UBAMBE umoya umndeni womshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile, kulandela ukutholwa kwemoto yakhe inegazi esihlalweni somshayeli, yacwiywa, ngoLwesihlanu odlule.

Ngokusho komndeni, uMnuz Thamsanqa Gumede (22) wagcinwa ukubonwa ephila ngoLwesine ekuseni, ephuma ekhaya eyosebenza. 

Udadewabo, uNksz Thembeka Gumede, elandisa ngokulahleka kukamfowabo, uthe uwumuntu ovame ukubuya ngezikhathi zasemini uma engekho matasa ngomsebenzi, azodla.

“NgoLwesine akabuyanga. Nathi sanganaka, sizitshela ukuthi umatasa,” kusho uNksz Gumede.

Uthe ngezikhathi zasebusuku ngoLwesine, umfowabo ushayelwe ucingo abasebenzi baseClermont abalandwa wuGumede eMhlanga ngabo-10 kuya ku-11 ebusuku nsuku zonke, bebuza ukuthi uphi ngoba akezile ukuzobalanda, futhi abamtholi nasocingweni.

“Umfowethu uphuthume ukuyobalanda, ngoba naye wenza umsebenzi ofanayo. Uze wasitshela ngalokhu ekuseni, sekucaca ukuthi ugcine engabuyanga,” kusho uNksz Gumede.

Uthe ngaleso sikhathi ucingo lwakhe lwase luvaliwe, lukhombisa nokuthi ku-WhatsApp ugcine ngo-08:50 pm ngayizolo. 

Uthe banikele esiteshini samaphoyisa KwaDabeka, beyobika ukuthi udukile.

“Amaphoyisa afike asitshela ngemoto etholakale ilaxazwe eMhlabunzima, eClermont, ikhishwe amasondo,” usho kanje.

Uveza ukuthi bathi uma befika kuyo, babona ukuthi iyo le abeyishayela, engekho, bacinga ehlathini nasemhosheni okuseduze, bezitshela ukuthi bazomthola elahlwe khona kodwa bangamthola.

Uqhube wathi badlulele nasemfuleni uMngeni, lapho okuhlale kutholakala khona izidumbu zababulewe, batshingwa khona, kodwa nakhona babuya belambatha.

“Besicinga kulezi zindawo, siphindaphinda ezinsukwini ezidlule, kodwa namanje asikamtholi,” kusho uNksz Gumede, othe sebebuya ngisho nasezibhedlela zaseThekwini, bemcinga, kodwa lutho.

Uthe selokhu liqalile isonto bagqigqa nasemakhazeni kahulumeni ezindaweni ezehlukene, beyobheka uma kuvela ukuthi kukhona isidumbu somuntu ongaziwa esilethiwe.

“Asazi ukuthi kwenzekeni kuye, noma uyaphila, noma ubulewe, siphatheke kabi kakhulu ngokuduka kwakhe,” kusho uNksz Gumede.

Uthe umnikazi wayo, okuthiwa ungowaKwaDukuza, bamgcine ngoLwesihlanu, okuthathwe ngalo imoto yayiswa esiteshini samaphoyisa. Nokho uthe, ubatshela ukuthi naye uyabacingisa. 

"Ubevame ukuqeda ukusebenza ngo-8 kuya ku-9 ebusuku, aze azocambalala ekhaya, avuke eseyolanda abasebenzi eMhlanga." 

Siye koshicilela amaphoyisa engaphendulanga imibuzo.