UNKK Sebenzile Sibiya, ozongcwatshwa abasemzini wakhe
Image: Sithunyelwe
IGCAGCELE esokeni izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini ivuna umndeni wakwaSibiya ukuthi kube yiwo ongcwaba ikhansela ebeliyi-PR kuMasipala waKwaDukuza. UNkk Sebenzile ‘MaMthembu’ Sibiya washona ngoMeyi 16 kulo nyaka, kulandela ukuqiniswa wukugula.
Kuvele ukuthi nakuba ebemningi emzini wakhe nomyeni wakhe ongasekho, oseLindelani, KwaDukuza, kodwa amasiko ubewagcinela emzini wabo oseGingindlovu.
Emva kokushona kukaNkk Sibiya, kuphakame umoya emndenini wakwaSibiya, umndeni wakwaMthembu ufuna ngodli ukuthi inkonzo yomngcwabo ibe seLindelani.
Umndeni wakwaSibiya wagcina uveza ukuthi umndeni wakwaMthembu kufanele ukucele lokho, ungakuphoqi, kwazise umufi ubengumakoti wabo ngokugcwele.
Maphakathi nesonto eledlule, umndeni wakwaSibiya uthe wagcina uvuma ukuthi inkonzo ingaba seLindelani kodwa umufi angcwatshwe eduze komyeni wakhe eGingindlovu.
Wathi ngesikhathi usabheke lokho, wahlaselwa amadoda ayehlome ngezibhamu, ethi athunywe abakwaMthembu ukuzosho ukuthi konke kuzokwenzelwa eLindelani.
Yilapho benikele khona ebuholini bomdabu baseLindelani, kwathi uma umndeni wakwaMthembu ungasondeli nganeno ukuthi kuzoxoxiswanwa, bavele banikela enkantolo.
Inkantolo ikhiphe incwadi yokuvimbela ukuqhubeka kongcwabo, isikhonzi senkantolo sazama ukuyiyisa kwabakwaMthembu, kodwa kuthiwa banqaba ukuyisayina. Ikhophi yayo, ihanjiswe kwabasemakhazeni, beyalelwa ukuthi bangasidedeli isidumbu kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo izolo.
Likhuluma neSolezwe emva kokuphuma kwesinqumo izolo ilungu lomndeni wakwaSibiya, elicele ukungadalulwa lithe bagculisekile ngesinqumo senkantolo ngoba umufi ungowabo.
“Zakhokhwa zonke izimfanelo zakwaMthembu. Asibakweleti lutho. Umufi ubechelwe ngenyongo kwaSibiya. Asikufuniseli ukuthi ungowethu ngokusemthethweni,” kusho isihlobo.
Sithe ukube ubegcina engcwatshwa abakwaMthembu, bekuzobadalela utalatiya lokho njengoba bengabantu abakholelwayo esintwini nasemasikweni.
Uveze ukuthi ubungabonwa nangokhalo enkantolo umndeni wakwaMthembu, wathi abafuni nakwazi ukuthi kungani ukhethe ukungezi.
“Thina sijatshuliswa wukuthi sesizokwazi ukuqhubeka nezinhlelo zethu zokufihla ngesizotha umakoti wethu kuphela,” usho kanje.
Uthe abakholwa ukuthi abakwaMthembu bangeza enkonzweni yomngcwabo kamufi umndeni wakwaSibiya oyihlelele uJuni 7, kwazise bayenzile eyabo ebingenasidumbu ngoMgqibelo odlule.
Uthe banakho ukusola ukuthi indlela yokuziphatha komndeni wakwaMthembu imayelana nefa likamufi, ngoba bakhona kubona ababezwe bekhuluma eyendaba yencwadi yefa nokuthi umuzi oseLindelani bekungewona owakwaSibiya kodwa owakwaMthembu.
“Uma sibabheka, baphambili kakhulu ngokucabanga. Thina besisagxile kweyokungcwaba, bona sebekweyefa,” kusho isihlobo, esithe okuningi sebeyokubona ngomngcwabo.
Isolezwe liphinde lazama ukuthola ukuphawula komndeni wakwaMthembu, enombolweni okuthiwa ekamfowabo kamufi, kodwa ibikhala ingabanjwa.