UMNUZ Fanyana Ndimande ohlahlelwe izolo eNdwedwe
Image: Sithunyelwe
BASOLA ukuthi umkhuba usendaweni ngekhehla elitholwe lihlahlelwe ngocelemba izolo KwaVimbukhalo, eNdwedwe.
UMnuz Fanyana Ndimande (70), kuthiwa utholwe endlini abelala kuyona engu-rondo, esethule enenqwaba yezingozi ezivulekile ekhanda, esiphangeni nasezandleni.
Isihlobo, uMnuz Sandiso Ndimande, sithe umufi utholwe owesilisa obeyokha amanzi emigqonyeni yamanzi okukha kuyo umphakathi engenhla komuzi.
“Uma esho lona wesilisa uthe ungene ngaphakathi ekhaya, ethi uzoboleka ujeke ukuze akhe amanzi kule migqomo. Uthe ufice umnyango uvulekile, kwathi uma engena ngaphakathi, wazithela phezu kwakhe umkhulu, egenciwe. Ube esehlaba umkhosi,” kusho uNdimande.
Uthe umufi ubulawelwe esiponjini sakhe alala kuso.
“Igazi beligcwele yonke indawo, elinye laze lasaphazekela ngisho nasodongeni,” kusho uNdimande, oqhube wathi amanxeba abawabone kuye ayesabisa.
“Umgence ngisho izandla, siyabona ukuthi mhlawumbe ubezama ukuvika ngazo,” usho kanje.
Uthe akukho okuthathiwe ngoba iselula yakhe, imali nokunye, bakuthole kukhona.
“Kusobala ukuthi wumuntu nje obefuna umphefumulo wakhe. Futhi akuyena umuntu wokufika, owendawo,” kusho uNdimande.
Uthe lokhu bakusho ngoba zikhona ezinye izindlu ezisegcekeni kodwa umsolwa uvele waqonda ngqo kule ebilala umufi, wagqekeza wase embulala.
“Umuntu wokufika ubezokwazi kanjani ukuthi avele aqonde ngqo kule ndlu abelala kuyo? Ubezobe azi ngani ukuthi ubani ophakathi?” kubuza uNdimande.
Uthe azikho izitha abazaziyo abenazo umufi.
Nokho uveze ukuthi lukhona udaba olubucayi obelukhulunywa endaweni, naye obengahlonizi ukuthi akahambisani nalo.
“Kukhona imizamo yokuketulwa kwezinduna eziyisikhombisa zesizwe sakwaGcwensa okuyinto eqhubekayo njengamanje endaweni. Ubelimisa ngesihloko elokuthi lokhu akufanele kwenzeke noma kuvunyelwe,” kusho uNdimande, obe eseshesha ekugcizelela ukuthi kodwa abasho ukuthi ubulawelwe lokho.
Uthe ubekuveza ukuthi akahambisani nakho ngoba lezi zinduna akukho ezikwenzile ukuze zishintshwe.
"Ubebuza ukuthi kungani kudingeka ukuthi zishintshwe, zenzeni. Asikho isizathu esiphathekayo ebesenza ukuthi zize zishintshwe. Bese kunesikhathi kuba nemihlangano yokususa lezi zinduna, kodwa umphakathi umane ungafiki ngoba ungahambisani nalesi sinqumo," kusho uNdimande.
Uveze ukuthi umufi ungowokuzalwa khona ebukhosini bakwaGcwensa.
Uthe into ebidala ukuthi umufi ahlale yedwa wukuthi ezinye izihlobo zakhe zisezindaweni ezehlukene ngokuhanjiswa wumsebenzi.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda, uthe ubengakalutholi ulwazi ngaleli cala wathi bebesafuna ulwazi.