Izindaba

Uzivikele ngokugxekwa ngolweStarlink yaseMelika

sabelo mbatha|Published

Solly Malatsi

Image: Solly Malatsi/X

UNGQONGQOSHE wezokuXhumana, uMnuz Solly Malatsi, uzivikele ekugxekweni kulandela umyalelo woMnyango wakhe oshicilelwe okuthiwa uvuna inkampani ye-internet, iStarlink. IStarlink wubuchwepheshe be-internet okuthiwa busebenza ngisho emakhaya lapho oyithengayo ethola okubekwa ngaphandle kubheke emkhathini kudonse i-network ne-router bese ekhokha ngenyanga.

Ngeledlule uMalatsi ukhiphe umyalelo obukeka uxegisela inkampani yempunyela uMnuz Elon Musk, iStarlink, ukuthi ingene kuleli. Phambilini obekuvimbile bekuthiwa yimithetho yokuthi izinkampani zaphesheya kumele zibambisane nezosomabhizinisi bakuleli uma zifuna ukuzoqala ukusebenza ngokweBroad-Based Black Economic Empowerment (B-BBEE).

Evele phambi wekomiti lezokuxhumana lePhalamende lapho ebebizelwe ukuyochaza ngalo myalelo obukeka ungahambisani ne-Electronics Communications Act, uthe abazami ukwenzelela iStarlink.

Ephekwa ngemibuzo amalungu aleli komiti eliholwa uNkk Khusela Diko, uthe lo myalelo yingxenye yomzamo obanzi wokwenza ukuthi umkhakha wezokuxhumana ngobuchwepheshe uhambisane nohlaka lweB-BBEE.

"Asizami ukwenzelela iStarlink noma enye inkampani okanye umuntu. Sithi imithetho emkhakheni wethu kufanele ihlale ivumela ukuba kube nokuzikhethela okwenzeka kweminye, okungamaphesenti angu-30 abanikazi basekhaya noma kube nokulingana," kuchaza uMalatsi.

Uveze ukuthi akukho okwenziwe esithe njengoba ethe umsebenzi wokulungiselela umyalelo waqala ngoSepthemba 2024 ne-Authority of South Africa (ICASA) yaziswa ngokusemthethweni ngo-Okthoba 4, 2024.

UMalatsi uthe ukwaziswa komphakathi ngalokhu nomyalelo owawusakhiwa kwenziwa ngaphambi ngokuhambela kukaMengameli Cyril Ramaphosa eMelika ngeledlule.

Uzithethelele ngokuthi bebengeke bazi ukuthi uRamaphosa uzoya eMelika, okukhomba ukuthi akukho okunuka santungwana ngalo myalelo.