USIHLALO womkhandlu weSilo uMisuzulu, uMntwana uZuzifa Buthelezi noMntwana uZeblon Zulu enkantolo eBloemfontein izolo
Image: BN Zitha/Facebook
UMMELI kaMengameli Cyril Ramaphosa, uvezele inkantolo yokuDluliswa kwamaCala eBloemfontein, ukuthi uRamaphosa akaphuthumanga ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuhlala esihlalweni. Kwenzeke lokhu njengoba uRamaphosa efake isicelo sokuphikisa isinqumo seJaji Norman Davis weNorth Gauteng, phambilini owathola ukuthi uMengameli akayilandelanga imigudu efanele ngesikhathi ekhipha isitifiketi futhi lokhu kufana nento engekho.
UDavis wathi uRamaphosa wahluleka wukulandela imigudu efanele,ngokomthetho iTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act, ukujuba ikomiti elizophenya ngesikhathi kuqubuka umbango wesihlalo phakathi kukaMisuzulu nomnewabo uSimakade.
NgoLwesithathu, ummeli kaRamaphosa, u-Advocate Marumo Moerane, utshele inkantolo ukuthi uMengameli wathatha isinqumo emva kokuthola isiqiniseko samaminithi omhlangano waseNdlunkulu, owabe ungoMashi 14, 2021, lapho kwavunyelwana ngokuthi iSilo uMisuzulu kufanele singene esihlalweni.
Lo mhlangano wawubizwe owayenguNdunankulu kaZulu, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ongasekho. "Siyakuveza ukuthi uMengameli akaxhamazelanga ukuthatha isinqumo futhi akasebenzisanga ulwazi olungaphelele," kusho uMoerane etshela iJaji uDumisani Zondi.
Uthe incwadi eyathunyelelwa uRamaphosa yihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, yakuqinisekisa ukuthi yiSilo uMisuzulu esizothatha ubukhosi.
"Isinqumo sikaMengameli sasihambisana nomthetho, asenziwanga ngokuphuthuma," usho kanje.
Omele iSilo uMisuzulu, u-Adv Tembeka Ngcukaitobi, uthe ukuqokwa kweSilo kwenziwa emhlanganweni osemthethweni futhi kwenziwa ngokomthetho wesintu.
Uthe lolu daba selwaphothulwa enkantolo. Uhlangothi lukaMntwana uMbonisi noMntwana uSimakade osembangweni wesihlalo, luthe kuyilungelo lalaba ukuba baqoke iSilo.
Inkantolo izwe ukuthi laba abanaye umuntu abamqokile kodwa bafuna ilungelo labo lokuqoka ngokomthetho wesintu. Bame kwelokuthi uMengameli wayengenalo ilungelo lokuqoka kungaboniswananga.
Ngaphandle nangaphakathi kwenkantolo amabutho atheleke ekuseni, eviliyela ehuba amahubo akwaZulu. Phakathi kwabebethamele icala kubalwa uSihlalo woMkhandlu weSilo, Inkosi uZuzifa Buthelezi, iNkosi uPhathisizwe Chiliza, wuMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni, uMfu UThulasizwe Buthelezi, nabantwana basendlunkulu. Icala liyaqhubeka namhlanje.
Related Topics: