Izindaba

UMalema ubize uRamaphosa ngevaka elisaba uTrump

Mhlengi Shangase|Published

UJulius Malema

Image: Phando Jikelo/Parliament of SA

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema, usebize umengameli Cyril Ramaphosa ngevaka ngokuhluleka wukuvikela izwe kumengameli Donald Trump.

UMalema uthe uRamaphosa wayeqhaqhazela, esaba umengameli wakwelinye izwe, owayekhwela edilika kuyena ngezinto ezenzeka kuleli.

"Utshengise ukuba yigwala esaba omunye umengameli owayemtshela akuthandayo kodwa wamane wathula. Kwakumele akuveze ukuthi njengoba kwayena engumlimi, abalimi ababulawayo ngabamnyama, akubona abamhlophe kuphela," kusho uMalema.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma eralini nomphakathi waku-ward 16, eKwakwatsi, eFree State, njengoba kuzoba nokhetho lokuchibiyela.

Ubekhankasa kule ndawo ethi kumele bawudle umhlanganiso kulolu khetho oluzayo.

UMalema ugxeka uRamaphosa obehambele eMelika ngeledlule, lapho ebehlangene noTrump kubhungwa ngezinto eziningi okubalwa nezohwebo kanti nodaba lokubulawa kwabalimi abamhlophe lube yingxenye yomhlangano.

UMalema ubuye wasola uRamaphosa ngokudayisa ngezwe ethi kugcwele ubugebengu.

"Njengoba ekhale ngokuthi bayabulawa abantu kuleli, ubulele ezokuvakasha ngoba ngeke beseza kuleli abantu baseMelika bezovakasha. Bekungamele yena akhulume kabi kangaka ngezwe lakhe," kusho uMalema.

Uthe uhluleke nawukuvikela uMthethosisekelo wezwe ngokuthi angakuvezi ukuthi ingoma i-Dubul' ibhunu' yagunyazwa yinkantolo yoMthethosisekelo.

"Le ngoma akuyona eyami, ayisungulwanga yimi. Yingoma eyaculwa abalwela umzabalazo. Kwakumele uma uTrump ebuza ukuthi kungani ngingaboshwa, akuveze ukuthi le ngoma yavunywa yinkantolo."

Uthe kucacile ukuthi i-EFF ayifile njengoba kukhona abebesho lokhu ngenxa yokuthi eMelika kukhulunywa ngaleli qembu.

Uveze ukuthi akamesabi uTrump futhi ngeke agwajiswe nguyena.

"Angimesabi (Trump), kwakumele bangibize emhlanganweni wabo ukuze ngimtshele amaqiniso ngaphandle kokwesaba uTrump. Angimesabi futhi abasoze bangisabisa neMelika yakhe," kusho uMalema.

Ugxeke impunyela yakuleli uMnuz John Rupert owagxeka umholi we-DA eMelika, uMnuz John Steenhuisen, phambi kukaTrump ukuze abukeke kahle.

"Asinandaba ne-DA noSteenhuisen, kodwa uma singaphandle kwakuleli kumele sivikelane. URupert wazibeka kahle egxeka uSteenhuisen ngobugebengu obenzeka eWestern Cape, ephethwe yi-DA," usho kanje.

Uthe akakwesabi ukufa ngoba uyazi ukuthi njengoba uTrump abuza ukuthi kungani engaboshiwe ngokucula ingoma egqugquzela ukubulawa kwamabhunu, kusho ukuthi kumele abulawe.

Ubuye waveza nokuthi ngeke babuyisane neqembu eliholwa ngowayengumengameli wezwe ne-ANC uMnuz Jacob Zuma, Umkhonto weSizwe.

"Ngeke sibuyisane neMK noZuma.Uma babefuna sihlangane singamaqembu amnyama, kwakumele bajoyine i-EFF bangavuli amaqembu amasha. Uma bevula amaqembu kusho ukuthi bahlukanisa phakathi abantu abamnyama," kusho uMalema.

Uvale ngokucula iDubul' ibhunu.