Izindaba

Ukhale ngeNSFAS engakhokheli omastende ngesikhathi

Mhlengi Shangase|Updated

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uDkt Nobuhle Nkabane

Image: X

UKHALE ngezinselelo ohlelweni lokuhlaliswa kwezitshudeni ezixhaswa yisikhwama semali ezikhungweni zemfundo ephakeme iNSFAS.

Lesi sikhalo senziwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, ngesikhathi ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende.

Uthe uhlelo lokuhlaliswa kwezitshudeni lusabhekene nezinselelo.

"Sinenkinga enkulu ngohlelo lokuhlalisa izitshudeni ezikhungweni zemfundo. Kudingeka lolu hlelo lubuyekezwe ukuze lungabi nezinkinga ezikhona manje," usho kanje. 

Usho lokhu nje kunezikhalo ngokuthi iNSFAS ayikhokhi ngesikhathi okwenza bathwale kanzima omastende bangakwazi ukukhokhela ugesi namanzi.

Abanye babo baze bagcine ngokuxosha izitshudeni ezisuke zingakhokhelwe ngenxa yokuhamba kancane kohlelo lokukhokha lweNSFAS.

Uncome amakolishi amakhono amaTVET ngokuthi ukufunda kuqhubeka ngaphandle kweziteleka, nakuba kwezinye kuke kwaba nemvunge.

"Siyazivala izikhala zabaphathi ezisema-TVET. Yinto esiyibeke phambili le," kusho uDkt Nkabane.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uveze ukuthi kubafundi abangaphezu kuka-700 000 ababhale u-matric nyakenye, bangu-189 kuphela abaphasa ngo-30%.

Ubephendula umbuzo obumayelana nezinga lokuphasa kwa-matric, elingu-30%.

"Ayikho into yokuphasa ngo-30% kwa-matric. Yingakho sifuna ukuyichitha eyokuthi kuphaswa ngaleli maki," usho kanje.

Uthe ngeke baphoqe abafundi ukuthi bathathe isifundo iMaths nokuthi bashintshe lonke uhlelo lwezemfundo.