Izindaba

Indida ngowesifazane owanyamalala evakashele isoka

Zimbili Vilakazi|Published

UNKSZ Bongiwe Nyawose owanyamalala ngoDisemba 31, 2024

Image: SITHUNYELWE

UYAFA  yiminjunju umndeni wowesifazane waseBhobhoyi, ePort Shepstone, kuphela izinyanga engabonwa nangokhalo, kulandela ukunyamalala kwakhe evakashele isoka, KwaNqetho, eHillcrest, eThekwini.  

Umndeni kaNksz Bongiwe Nyawose (38), uthe wagcina ukuzwa izwi lakhe ngabo-9 ebusuku ngoDisemba 31, 2024, ewufisela ukungena kahle ku-2025. 

Kuthiwa wayebafonela ehleli nesoka lakhe, uMnuz Xolani Mbili, ayehambe ekhaya ngoDisemba 13, 2024, elivakashele, ewumuntu ozohlala izinsukwana.

Ngokusho kukanina, uNkk Lindeni Nyawose, uMbili wamfakela imali yokugibela uBongiwe, kwaqondana nokuthi nasefemini yakhe sebemtshela ukuthi akeze azosebenza, kulandela ukuhlala ekhaya inyanga ngoba ungekho umsebenzi.

“Sazitshela ukuthi uzobuya ngoKhisimusi, kodwa wangabuya. Saba nesiqiniseko sokuthi uzobuya ngoDisemba 27 njengoba kwakunomcimbi kadadewabo, nakhona wangabuya,” kusho uNkk Nyawose.

Uthe kwathi ngoDisemba 30, bafona bobabili nesoka bethi bacela ukuzohlukanisa unyaka eBhobhoyi, njengoba uBongiwe agcina engawudlanga nabo uKhisimusi.

Uthe babalindela ngakusasa (Disemba 31), kodwa nakhona laze layoshona bengaqhamuki. 

Uqhube wathi uBongiwe wabashayela ngoDisemba 31 ebusuku, ebafisela ukungena kahle onyakeni.

Ngakusasa ngoJanuwari 1, 2025 udadewabo wavuswa wucingo lukaMbili ngabo-4 ekuseni, ethi usemshayile uBongiwe, ngoba umbambe elele nomngani wakhe. 

“Wathi ngo-12 uhambe waya kukhulu wakhe endlini enkulu, wabuya uBongiwe eselele nendoda, wabashaya bobabili, baphuma babaleka,” kusho uNkk Nyawose.

Uthe wabatshela ukuthi emva kwaleso sehlakalo, wavele wayolala endlini enkulu, kwathi uma evuka ekuseni eza endlini yakhe, wafika engakabuyi uBongiwe. 

“Emva kwezinsuku eziyisikhombisa, ngamtshela ukuthi njengoba engabuyile nalapha ekhaya, akahambe ayobika ukuthi udukile emaphoyiseni. Ngabe sengilandelela ukuthi ukwenzile yini ngempela lokho, wathi ukwenzile,” kulandisa uNkk Nyawose.

Uthe ngesikhathi eselusukumela udaba ngoMashi, eya esiteshini samaphoyisa eHillcrest wafike wathola ukuthi uMbili akambikanga uBongiwe njengomuntu olahlekile, amaphoyisa athi uma embuza ngalokho, wathi yena wayezididekele ngesikhathi ethi umbikile.

Kuthe eseya kwaMbili, wafike wathola umazisi neselula kaBongiwe kukhona. 

Uthe bakhathazekile futhi basele nemibuzo.

“Ngizibuza imibuzo eminingi ngaye, ukuthi wamshonisaphi. Akekho umuntu ongavele aphelele emehlweni nje,” kusho uNkk Nyawose.

Uthe udaba luwusinda wonke umndeni njengoba kunzima nasezinganeni zakhe ezintathu ezineminyaka ephakathi kuka-12 no-17.

“Le-eno-12, ivele iyohlala egcekeni, maqede ilidlale iphindelela iculo elithi ‘Kulungile Baba’. Ngivele ngingene ekamelweni, ngivale, zigobhoze izinyembezi,” usho kanje. 

Ukhale ngokuthi okungenani, akutholakale ithambo lakhe, ukuze balifihle ngesizotha, bathole ukuphumula emphefumulweni. 

Uthe njengomama onezinseka, nomuntu osebenza ngamakhambi esizulu, ziyavela izibonakaliso zokuthi indodakazi yakhe, ayisekho emhlabeni futhi yabulawa. 

Ethintwa uMbili walandisa ngolwakhe uhlangothi wathi yena ngokwazi kwakhe uNksz Nyawose, usaphila yikho nje ukuthi akazi kahle ukuthi ukuphi.

“NgoFebhuwari, ngafonelwa wumalume wakhe, ethi uBongiwe uyaphila, uyaxhumana nezingane zakhe. Angikholwa wukuthi wayengavele asuke angiqambele amanga,” kusho uMbili.

Uthe yena usola ukuthi uhlala nomngani ambamba naye, njengoba umngani wavele wathutha kubo emva kwesigameko, wayoqasha kwenye indawo.

“Seziningi izindawo asehlale kuzo kusukela lapho. Ngisola ukuthi bahlala ndawonye, yikho ukuthi ngeke ngikwazi ukuthola ngoba kwayena umngani angisamazi ukuthi usehlalaphi, nenombolo yakhe yocingo ebengiyazi, isihlale ivaliwe uma ngithi ngiyayifonela,” kusho uMbili.

Uveze ukuthi uke wathola iFacebook invite, evela kuNksz Nyawose kodwa wangayingena indaba yayo ngoba zibuye zimdide izinkundla zokuxhumana.

Nokho uthe naye bukhona ubufakazi abugcine endaweni ephephile, alinde ukubuveza emaphoyiseni, mhla esefika ethi azombopha. 

Ukhale ngokuthukwa abakubo kaNksz Nyawose, wathi mhla kutholakala ukuthi uyaphila, uyobavulela icala ngokumsola ngento angayazi.

Elandisa ngokwenzeka ngoJanuwari 1, 2025, uthe emva kokuhlukana konyaka ngo-12 ebusuku, wathi shelele waya kukhulu wakhe endlini enkulu, eyomfisela izilokotho zonyaka omusha.

“Ngahlala naye imizuzu engu-20. Kwathi sengibuyela endlini yami, ngafica sekuvaliwe, umsakazo ukhalela phezulu. Ngathi uma ngipopola, ngabona umngani wami ephezu kukaBongiwe, beya ocansini,” kusho uMbili.

Uthe wakhahlela isicabha wabangena ngenduku. 

“Umngani waphuma wabaleka, uBongiwe wasala. Ngabuyela endlini enkulu ngiyobikela ukhulu, ngathi uma ngibuya, ngafica naye engasekho,” kusho uMbili.

Echaza ngomngani, uthe kwakuwumngani wakhe omkhulu weminyaka engu-15 futhi eqashe egcekeni kubo.

Ebuzwa ngokumbika emaphoyiseni ukuthi udukile, uthe ngesikhathi efika esiteshini samaphoyisa iHillcrest, athi njengoba ethi uphume ebaleka nendoda, asikho isidingo sokumbika njengomuntu odukile. 

Siye koshicilela amaphoyisa engakaphenduli.