UQEDE ukuqagela ngesibonelelo sabangatohozi sika-R370 uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ngesikhathi ememezela ukuthi sizoqhubeka kuze kube unyaka ozayo.
Image: Nadine Hutton/Bloomberg
BANGASE bathathelwe izinyathelo ezinqala abantu abalinganiselwa ku-210 000, abasolwa ngokuhola imali yesibonelelo sikahulumeni sabangasebenzi, ekubeni kukhona enye imali abayithola engxenye.
Lokhu kushiwo okhulumela iSouth African Social Security Agency (Sassa), uMnuz Paseka Letsatsi, oveze ukuthi lokhu kuzokwenza ukuthi kubambezeleke ukukhokhelwa kwabasolwa ngalokhu ngenyanga ezayo.
“Laba kulindeleke ukuthi beze emahhovisi akwaSassa aseduze nabo zingakapheli izinsuku ezingu-30 ukusuka manje, ukuze kubuyekezwe imihlomulo yabo,” kusho uLetsatsi.
Uthe abazohluleka wukwenza lokhu, bazibeka engcupheni yokuthi sinqanyulwe unomphelo isibonelelo.
Uveze ukuthi ngokusebenza kwabo ngokubambisana nezinye izinhlaka ezikwazi ukubona imali engenayo emabhange abantu, bathole ukuthi la bantu, bathola enye imali, kodwa bakugodla lokhu kwaSassa.
“Ngokuphoqwa wumthetho, abantu abathola lesi sibonelelo kufanele baveze lonke uhlobo lwemali engenayo emagameni abo ngesikhathi befaka isicelo sayo,” kusho uLetsatsi.
Uthe umthetho uphinde ubaphoqe ukuthi uma sebeqalile ukubahola oR370, bakudalule kwaSassa uma sekwenzeka kuba khona ushintsho ngenye imali engena emaceleni.
Uqhube wathi umuntu okhetha ukungakwenzi lokho, usuke esenza okuphambene nomthetho futhi kungaholela ekutheni athathelwe izinyathelo.
Uveze ukuthi ngale kokuthathela izinyathelo abafihla lolu lwazi, bazophinde bathathele izinyathelo izisebenzi zabo ezilekelela laba bantu ukuthi benze lobu bugebengu.
“ISassa ayihambisani nenkohlakalo, uma kwenzeka kuvela ukuthi kukhona izisebenzi zethu ezibandakanyeka kulokhu, nazo zizothathelwa izinyathelo ngokucekela phansi inhlangano (Sassa),” kusho uLetsatsi.
Ngokwezibalo zangonyaka odlule, balinganiselwa ku-8,5 million abantu abahola isibonelelo sabangatohozi kuleli.
Related Topics: