Izindaba

Amehlo enkantolo kungena elombango wesihlalo sobukhosi

sabelo mbatha|Published

ISILO, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini

Image: sigciniwe

AMEHLO azobe ethe njo eNkantolo yokuDluliswa kwaMacala eBloemfontein kuleli sonto njengoba kuzolalelwa isicelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa mayelana nodaba lobukhosi bukaZulu.

NgoLwesithathu nangoLwesine, le nkantolo izolalela izethulo zethimba labameli bakaRamaphosa abafuna kuguqulwe isinqumo seJaji Norman Davis, laseNkantolo ePhakeme iNorth eGauteng, esathi uRamaphosa akahambisanga kahle ekuqokweni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, kulandela ukubuza kukayise iSilo Zwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.

UDavis wathi ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo kukaRamaphosa kwakungekho emthethweni futhi kufana nento engekho.

Wathola ukuthi umengameli wehluleka ukulandela imigudu efanele ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act, ngokwehluleka ukujuba ikomiti elizophenya ngesikhathi kuqubuka umbango wesihlalo phakathi kweSilo nomnewabo uMntwana uSimakade.

Nakuba ijaji lamchitha uRamaphosa, kodwa lamnika imvume yokusiphikisa lesi sinqumo kodwa lakubeka ukuthi mancane amathuba okuthi angaphumelela. Emva kokuba uRamaphosa ekhiphe isitifiketi esiqinisekisa iSilo njengozothatha isihlalo, kuvele uMntwana Simakade noyise omncane, uMntwana uMbonisi, bakuphikisa lokhu kwabe sekungenwa ezinkantolo.

Konke lokhu kwenzeka emva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu.

Phambilini, isazi sezamasiko, uSolwazi Musa Xulu, sikhuluma neSunday Tribune esesibayeni esisodwa neSolezwe, sathi ukuya kwaleli cala eNkantolo yokweDluliswa kwamaCala, kukhomba ukuthi liyoze liphelele eNkantolo yezoMthethosisekelo.