Amabutho kaZulu
Image: Doctor Ngcobo/African News Agency (ANA)
KUHLELWE amabhasi angu-10 azothutha uZulu ozothamela icala elingena namuhla eNkantolo yokuDluliswa kwaMacala eBloemfontein. Namuhla nakusasa le nkantolo izolalela izethulo zabameli bakaMengameli Cyril Ramaphosa, ofuna kuguqulwe isinqumo seJaji Norman Davis laseNorth Gauteng High, ePitoli, elanquma ukuthi uRamaphosa akenzanga kahle futhi kufana nento engekho ukukhipha kwakhe isitifiketi esiqinisekisa ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sihlala esihlalweni kulandela ukukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.
Leli jaji lachitha uRamaphosa nokho lamnika imvume yokusiphikisa lesi sinqumo kodwa lathi mancane amathuba okuthi angaphumelela.
"Kuzobe kukhona amabutho eviliyela, abantwana basendlunkulu namakhosi abazobe bembathe iBloemfontein kulezi zinsuku ezimbili," kusho okhulume neSolezwe ozazi zonke ezasendlunkulu.
Uthe bazobe beholwa yiNkosi uZuzifa Buthelezi, esanda kuqokwa njengoSihlalo woMkhandlu weSilo. NgoMsombuluko uMntwana uThulani Zulu okhulumela iSilo uMisuzulu ucacisele, uZulu ngokudideka ngaleli cala wathi awehle amaphaphu umphumela walo ngeke uyishintshe eyesihlalo.
Uthe noma ngabe inkantolo ikhipha siphi isinqumo akukho okuyophazamisa ukubekwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu.
"Singakuqinisekisa ukuthi amaphaphu phansi Zulu! Asikho isidingo sokutatazela ngecala eliseBloemfontein mhla ka-28 no-29 noma ngabe uMengameli uthola muphi umphumela ngoba akukhulunywa ngesihlalo kukhulunywa ngendlela eyalandelwa okwaholela ekukhishweni kwesitifiketi," kusho uMntwana uThulani.
Uthe leli cala elokucwaninga ukuthi kwahanjiswa ngendlela yini ngaphambi kokukhishwa kwesitifiketi. Uqhube wathi umphumela walo awunamthelela esihlalweni nohlezi kuso ngoba iSilo uMisuzulu sabekwa sapheleliswa ngokwesiko esibayeni esigodlweni KwaKhangelamankengane mhla zingu-20 Agasti 2022.
Related Topics: