IMEYA yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, yehlisa umthwalo kwizakhamuzi ngoshwele kwabanezikweletu
Image: Thuli Dlamini / eThekwini Municipality
EMIZAMENI yokunciphisa umthwalo kwizakhamuzi, uMasipala weTheku usumemezele ukwehliswa kwesikweletu semali ekhokhelwa ukuhlinzekwa ngezidingo ngamaphesenti angu-50.
IMeya yalo Masipala, uMnuz Cyril Xaba, ithe lesi saphulelo sizosebenza ezikweletini ezidaleke ngaphambi komhla ka-31 Januwari nonyaka.
"Lolu hlelo olukhethekile luzodonsa kuze kube wuJuni 2025. Umbandela wukuthi izakhamuzi kufanele zikhokhe amaphesenti angu-50 esikweletu anaso nemali egcwele. Ngalo kuhloswe abanemizi nabanamabhizinisi ababhekene nezinselelo zomnotho nokusiza amalungu omphakathi ama-akhawunti awo aphazanyiswa wukuvuza kwamapayipi obekungabonwa, " kusho uXaba.
Uthe nalabo abathola amanzi angu-6kl kungafanele kumele bakhokhe.
Izakhamuzi ezibe nesikweletu phakathi kukaFebhuwari noJuni 2025, kumele zenze izinhlelo zokukhokha isikweletu ngokuphela kukaJuni 2025.
"Lolu hlelo lukhombisa ukuthi thina njengomkhandlu onakekelayo nokuthi izikhalo ezavezwa yizakhamuzi ngesikhathi somkhankaso wokuzwa ukuphawula kwawo, zilaleliwe futhi zaphendulwa," kusho uXaba.
Imeya inxuse abakhokhela izidingo ukuba balisebenzise leli thuba futhi babhalise ezikhungweni zoSizakala.
Related Topics: