Izindaba

'ISilo siyohlale siyiNgonyama yamaZulu noma kungenzakalani enkantolo'

sabelo mbatha|Published

ISILO uMisuzulu kaZwelithini

Image: File

UMNTWANA uThulani Zulu, okhulumela iNdlunkulu kaZulu useveze ukuthi noma ngabe iNkantolo yokweDluliswa kwamaCala eBloemfontein ikhipha siphi isinqumo, akukho okuyophazamisa ukubekwa esihlalweni kweSilo uMisuzulu kaZwelithini.

UMntwana uThulani ukusho lokhu njengoba kusasa nangoLwesine, le nkantolo izolalela izethulo zethimba labameli bakaMengameli Cyril Ramaphosa, ophonsela inselelo isinqumo seJaji uNorman Davis waseNorth Gauteng High, ePitoli, elanquma ukuthi uRamaphosa akenzanga kahle futhi kufana nento engekho ukukhipha kwakhe isitifiketi esiqinisekisa ukuthi iSilo uMisuzulu singena esihlalweni kulandela ukukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.

UDavis wathi ukukhipha isitifiketi esigunyaza iSilo kukaRamaphosa, kwakungekho emthethweni futhi kufana nento engekho. Wathola ukuthi uRamaphosa wehluleka ukulandela imigudu efanele ngokweTraditional and Khoi-San Leadership Act 3 of 2019, ephinde yaziwe ngeLeadership Act, ngokwehluleka ukujuba ikomiti elizophenya ngesikhathi kuqubuka umbango wesihlalo phakathi kweSilo nomnewabo uMntwana uSimakade.

Nakuba ijaji lamchitha uRamaphosa kodwa lamnika imvume yokusiphikisa lesi sinqumo kodwa lakubeka ukuthi mancane amathuba okuthi angaphumelela.

"Singakuqinisekisa ukuthi amaphaphu phansi Zulu! Asikho isidingo sokutatazela ngecala eliseBloemfontein, noma ngabe umengameli uthola muphi umphumela ngoba akukhulunywa ngesihlalo, kukhulunywa ngendlela eyalandelwa okwaholela ekukhishweni kwesitifiketi," kusho uMntwana uThulani esitatimendeni izolo.

Uthe icala eliseBloemfontein elokucwaninga ukuthi kwahanjiswa ngendlela yini ngaphambi kokukhishwa kwesitifiketi. Uqhube wathi umphumela waleli cala awunamthelela esihlalweni nohlezi kuso ngoba iSilo uMisuzulu sabekwa sapheleliswa ngokwesiko esibayeni, esigodlweni KwaKhangelamankengana ngo-Agasti 20, 2022.

UMntwana uThulani uthe isizwe kufanele sikuqonde ukuthi ukwamukeliswa kweSilo isitifiketi, akuhlangene nesiko lokungeniswa kwaso esibayeni okuyindlela isizwe neziNyandezulu abamukela ngayo ongena esihlalweni.

"Ngokwamukela isitifiketi isizwe nenkosi yaso, babehlonipha isigaba sikahulumeni noMbuso wanamuhla okumele siphile nawo futhi siwuhloniphe njengezakhamuzi zakuleli zwe," usho kanje.

Uthe iSilo siyohlala siyiNgonyama yamaZulu sikhona noma singekho isitifiketi.

"Empeleni iqiniso lithi akekho owaphonsela inselelo iSilo uMisuzulu emuva kokuphumelela kwaso eMgungundlovu, okwaholela ekutheni sinikwe isitifiketi," kuphetha uMntwana uThulani.