Izindaba

ISilo nomyalelo oshubile emakhosini

sabelo mbatha|Published

ISILO uMisuzulu kaZwelithini noMphathiswa woMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi emkhosini wokuthelwa kwamanzi eMashobeni

Image: Sithunyelwe

ISILO uMisuzulu kaZwelithini seluleke amakhosi ukuba ayeke ukuphila impilo ewubukhazikhazi kodwa anake imiphakathi ayiphethe. ISilo besikhuluma emkhosini wokuthela amanzi obusesigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngoLwesihlanu.

Inhloso yalo mcimbi wukubusisa amakhosi asenikwe izihlalo. NgoLwesihlanu, kubusiswe amakhosi amahlanu okuyiNkosi uMM Dube yesizwe sakwaDube eKing Cetshwayo, iNkosi uPMT yakwaMathaba eMacambini, iNkosi SB Lushaba yakwaLushaba, iNkosi NI Zikhali yakwaMbila eMkhanyakude neNkosi BM Mkhize yaseSimahla eThekwini.

"Zibambeni ziqine ngoba kasilula isihlalo ngoba kuthatha isikhathi eside kungavunyelwana ngosifanele. Ngiyanibongela ngokuqokwa kwenu ngakho-ke ngiyaniyala ukuba ningaphili impilo yobukhazikhazi kodwa ninake umphakathi," kuyala iSilo.

UMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, naye obehambele lo mcimbi echaza ngawo uthe uyingxenye yohlelo lokubekwa kwamakhosi kanti ugunyazwe wumthetho iKwaZulu-Natal Traditional Leadership and Governance Act. Uthe wenziwa yiSilo ngaphambi kokubekwa kwenkosi esihlalweni.

"Silapha simele uhulumeni wesifundazwe ukuzokweseka iSilo kulo msebenzi. Uqinisekisa ukuthi amakhosi ethulwa ngokusemthethweni eNdlunkulu futhi ayikho inkosi engabekwa lungenziwanga lolu siko," kusho uButhelezi.

Uthe asengu-17 amakhosi asenzelwe lo mcimbi okuyigxathu elibalulekile ekuqiniseni isikhungo sobukhosi. Uqhube wathi, njengoMnyango bayohlale beyeseka imicimbi efana nalona.

Njengendlela yokubonga, kulo mcimbi obuthanyelwe amakhosi, amabutho nezintombi, amakhosi aphe iSilo izipho okubalwa kuzo inkomo nezimbuzi. Akhombise  ukujabula kwawo eSilweni njengoba abemukela ngokusemthethweni umsebenzi asenikwe wona wokuhola imiphakathi yawo.

Inkosi Mathaba yaseMacambini ebijabule, ithe kungokokuqala lolu siko lwenziwa ozalweni lwayo. Ngakolunye uhlangothi, inkosi Lushaba ithe lolu siko luzoqinisa ubudlelwano phakathi kwesizwe sakwaLushaba neNdlunkulu.